Ezokungcebeleka Osaziwayo

‘Shuthi sorry’ – kusho uNomzamo Mbatha ebonakala emzini kaMashatile

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI weShaka Ilembe uNomzamo Mbatha

Image: Sigciniwe

INTANDOKAZI yomlingisi uNomzamo Mbatha isizothole isekukhulumeni ngokuyamaniswa nephini likamengameli wezwe uShipokosa Mashatile.

Ukukhuluma kusuka emuva kokuthi uMashatile eveze ukuthi ungumnikazi wesithabathaba somuzi oseConstantia, eKapa.

Lokhu ukudalule ohlwini lwezinto nezipho amalungu ePhalamende anakho olushicilelwe ngoLwesihlanu.

Umuzi uwubale njengowomndeni noseWaterfall eMidrand nomunye oseKelvin eGoli.

USanele Nkosi ku-X ubhale ukuthi lesi sithabathaba uMashatile ubesinika izintombi zakhe ukuthi zisisebenzise uma zizikhiphile.

Kwezinye zezithombe azifakile unameke nezazifakwe wuNomzamo ku-Instagram ekulo muzi.

UNomzamo uphuthume ngokufaka izithombe eziwubufakazi bokuthi wayewuqashe kwi-Airbnb phakathi kukaDisemba 30 ngo-2020 kuya kuJanuwari 6 ngo-2021.

NgokweNews24, lo muzi ubiza uR28.9 million futhi unamakamelo ayisikhombisa nohhafu, igumbi lokubuka amafilimu, elokugcina amawayini nokunye.

Ngo-2023 wathengwa yinkampani kaNceba Nonkwelo, oshadelwe yindodakazi kaMashatile uPalesa.