Ezokungcebeleka Osaziwayo

Kuhlukene imibono ngoRachel Kolisi osehamba ngeYaris ebolekiwe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ukhala ngokwehlelwa yizinga uRachel Kolisi osehamba ngemoto encane.

Image: Instagram

LITHATHA osemsamo limphose emnyango, kusho abafundi ezinkundleni zokuxhumana owayengunkosikazi kaSiya Kolisi, uRachel eveza ukuthi impilo imjikele njengoba sehamba ngemoto yohlobo lweToyota Yaris, nayo ayiboleke kumngani wakhe.

Le ntokazi yayiphila buthebelele ihamba ngezimoto zikanokusho inikele enkundleni u-Instagram iveza ukuthi impilo iyakwai ukukwehlisa lapho uzitshela ukuthi unakho konke.

"Ngolunye usuku uhambela phezulu, kolunye ucela umngani akuboleke imoto angayisebenzisi, uzithole uzama ukufunda ukupaka iYaris ngesizotha," kusho yena.

Usho lokhu efake isithombe sakhe emi eceleni kwale moto akhuluma ngayo, waqhubeka nokubhala ukuthi akukona unomphelo, kodwa yisigaba sempilo."Eqinisweni mina noBetsy sizwana kamnandi,"

URachel uveze lesi sithombe ebonisa ubukhazikhazi abuya kubo njengoba eseboleka.

Image: Instagram

Abantu abaningi baveza ukuthi ugcono ngoba unemoto elingene izingane zakhe zonke, ngeke agijime emarenki njengabanye omama

 

Ukuphawula kwabafundi ezinkundleni zokuxhumana:

Nomaxabiso Jezile Isimo samanje sinje! Isehlukaniso siyithunzi elimnyama phezu kwakho. Lokho kusho ukuthi yonke into eyake yaba mnandi futhi iyinhle manje isiyesabeka. Uma ubhekene nesehlukaniso kufana nokuhlanzwa okujulile okubheke entweni engasadingeki empilweni yakho. Ukuze uqale kabusha kufanele ulahlekelwe yikho konke umshado wangaphambilini. Ekugcineni uNkulunkulu uyakuzuzisa ngobuqhawe bakho bokusuka entweni engasakusebenzelanga. Kungathatha iminyaka ngaphambi kokuthi unikezwe umvuzo wakho. Nokho, ngaleso sikhathi uhlupheka, uwedwa futhi unesizungu, leso yisikhathi uNkulunkulu akhuluma ngaso nawe. (Ukuvuswa komoya) Ekugcineni uthola ukuqonda nokwamukela isimo sakho samanje. Masinyane vuma uNkulunkulu akuvuze ngomphefumulo wakho ❤️

Samkelo Sboh Khumalo Uyalunga..Umuntu akafunde ukuba nezinto zakhe

ChrisExcelAkekho othanda ukunakwa nokuzwelwa njengoRachel Kolisi no-Enhle Mbali… Esikhundleni sokusebenza noma ukulinda o-R350 bakwa-SASSA njengabanye omama abangabodwana baqinisekisa ukuthi bapenda abayeni babo bakudala njengezinunu ku-inthanethi njalo uma bethola ithuba

Tracey MichauAke sibhekane namaqiniso lapha….ngikholelwa ukuthi uthole isinxephezelo sesahlukaniso sika-17.5 million wamaRandi. Kunabantu lapha ngaphandle abangenalo uphahla ekhanda futhi bengenazo izindlela zokunakekela nokondla izingane zabo. Ukhetha ukushayela iToyota Yaris elungele ukuthutha umndeni wakhe.