Ezokungcebeleka Osaziwayo

Injabulo ngezilomo zabaculi ezizoba nengane

Bongiwe Zuma|Published

IZITHANDANI zodumo uNelly no-Ashanti abalindele ukuthola ingane maduze Isithombe: FACEBOOK/NELLY no-ASHANTI

BABONGELWE yiningi abaculi baphesheya kwezilwandle okuvele ukuthi balindele umntwana wabo wokuqala.

Kuvela lezi zindaba ngesiphalaphala esiwu- Ashanti (43) nesilomo somrepha uNelly bekusanda kuvela ezimnandi zokuthi bathembisene umshado.

Lezi zindaba zifike ngesikhathi abalandeli balezi zithandani besanda kujatshuliswa ukubuyelana kwabo njengoba naphambilini babevele bethandwa abantu.

NgoMsombuluko u_Ashanti unameke ivideo kwi-Instagram ekhombisa isisu esibonakalayo ukuthi ukhulelwe futhi nezinyanga sezisondele kwazobeletha ngayo.

U-Ashanti akazange ande kakhulu noma achaze kabanzi ngokukhulelwa kwakhe kodwa abazinze phesheya kwezilwandle bayaveza ukuthi ukuvezile lokhu eMiami.

"Lokhu kuyawuthokozisa kakhulu umoya wami," kusho umoyolawaofficial.

"Ubukeka umuhle kakhulu ndlovukazi," kusho u-1beemarie.

Babodwa abaqagela ukuthi laba abaculi bazothola hlobo luni lobulili kule ngane, kodwa noma kunjalo akazange aphendule noma acacise u-Ashanti.

"Kubukeka sengathi usitshela ukuthi umfana," kusho ubooboookitty.

"Uzothola intombazane, nikhumbule ukuthi ngasho njalo," kusho uteamashnelly.