Ezokungcebeleka Osaziwayo

Ulwa ‘nemimoya’ u-Inno obhekwe kowesibhakela eThekwini

Bongiwe Zuma|Published

ISIPHALAPHALA sikasaziwayo u-Inno Morolong ozoba seThekwini kule mpelasonto Isithombe: SITHUNYELWE

UVEZA ukuthi usekulungele ukungena eringini u-Inno Morolong okumele abhekane no-Ashleigh Ogle owaduma kakhulu ngokuba intombi yomunye womrepha wakuleli.

U-Inno ongomunye wosaziwayo uveza ukuthi ubezilolonga kanzima elungiselela lempi ehlelwa iMandela Foundation ngokubambisana ne-International Boxing Association engo-Ephreli 21 e-International Convention Centre, eThekwini.

Yize kunjalo u-Inno uveza ukuthi nezinkinga azizibekile phansi nasola ukuthi zizama ukuphazamisa umoya wakhe.

"Kuningi okwenzeke empilweni yami selokhu kwamenyezelwa lempi. Kuvalwe nekhasi lami lika-Instagram.

“Bekumele ngiphinde ngibhekane nezinye izinkinga ezithinta mina futhi engingathandi ukukhuluma ngazo.

“Ngibona sengathi konke lokhu kuhambisana nokuhlaselwa yimimoya," kusho u-Inno kwisitatimende esishicilelwe iKwathole.

Uqhubeke ngokuthi ufuna ukukhombisa umhlaba wonke ukuthi akayena nje owesifazane wesimanje nontekenteke, kodwa uqinile futhi unamandla.

Ngaphandle kwalempi u-Inno waziwa nangezinto ezahlukene okubalwa imfashini, amabhizinisi nokunye adume ngakho ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.