Ezokungcebeleka Osaziwayo

Yaze yamhlophe intokazi

Published

YAZI kungithathe isikhathi ukubona ukuthi uBusiswa lo omodela lapha. Bengithi yintokazi yaseLimpopo, uMakhadzi. Ngiwuthandile umzimba wakhe. Uyakhanga, uyababa ha futhi uyaheha. Waze wamuhle uBusiswa.

Sidinga imizimba enje olwandle

Umlingisi nomrepha wakuleli uBoity Thulo

UYEZA uDisemba 16, siyobe sibona lonke uhlobo lwemizimba. Emihle nemibi. Nakuba kunjalo kodwa angikaze ngahlangana nentokazi enomzimba kaBoity Thulo. Ngakho siyacela kwiMeya yeTheku neyaseMhlathuze ukuba bavumele izintokazi ezinjengoBoity olwandle. Thina abanye esinemizimba yasebusika sihambele kude okwelanga lasebusika. Singaya kuphela ukuyogeza amehlo. Sengishilo!