Ezokungcebeleka Osaziwayo

Abalingisi beShaka Ilembe babanga indondo

Charles Khuzwayo|Published

UTHEMBINKOSI Mthembu, noMondli Makhoba bodumo lweShaka Ilembe baqhathwe emkhakheni weHunk of The Year kumaFeather Awards XV Isithombe:FACEBOOK

UMCULI we-Afro pop uThandiswa “King Tha” Mazwai, uzohlonishwa ngomklomelo weSimon Nkohli Award ngoNovemba 9, kuma-15th Feather Awards XV, eMarket Theatre, eGoli.

Kulo mqhudelwano wezindondo kusuke kuchonywa uphaphe lwegwalagwala futhi kubungazwa osaziwayo abavelele abathandana nabanobulili obufana nobabo nabanye.

UTHANDISWA Mazwai uzohlonishwa kumaFeather Awards XV isithombe:FACEBOOK

Yize uThandiswa enengane nozakwabo kwiBongo Muffin, uStoan Seate kodwa wamangaza abantu abaningi ethula intombi yakhe u-Anika ngo-2017, wathi sebejole iminyaka ewu-15. Akagcinanga lapho kodwa ubuye wanebhendi yabantu besifazane kuphela.

Umsunguli womncintiswano uThami Dish, uthe nonyaka bagubha ubuciko nempokophelo yayo yonke imiphakathi eyibambe ishisa ngezikhathi ezinzima. Uthe yize izwe selakhululeka kodwa kusewumqansa kubo ukuthola uxhaso.

"Kodwa siyakhuthazeka ngesibindi nobuqhawe balo mphakathi wama-queer osaqhubeka ngokusilwela sonke. Sibonga bona ngoba sisaqhubeka nomsebenzi wethu emphakathini," kuphetha uThami.

U-Ayanda Ncwane, uqokwe emkhakheni weDrama Queen lapho eqhathwe noLebo M kanye noJoku.

U-AYANDA Nncwane uqokwe emkhakheni weDrama Queen kumaFeather Awards XV Isithombe:FACEBOOK

Abalingisi baseKZN futhi bodumo lomdlalo Shaka Ilembe, uThembinkosi Mthembu noMondli Makhoba, baqhathwe nomculi uToss emunxeni weHunk of the Year.

KwiBest Styled Individual kutholene phezulu uMusa Keys, PonaHalo noYaya Mavundla kanti uNhlanhla Nciza weMafikizolo uqhathwe noTamara Dey, noMusa Mthombeni kwiFag Hag of the Year.