Ezokungcebeleka Osaziwayo

Uyawashaya amagoli ekameleni, enkundleni dololo!

Charles Khuzwayo|Published

ANDILE MPISANE noTAMIA MPISANE

ABASONDELENE nomculi wekwaito osafufusa futhi ongumdlali weRoyal AM owenzelelwayo, u-Andile Mpisane, abamhlalise phansi.

Sekucace bha okwenanazi kaZodwa Wabantu ehlale inqunisiwe, ukuthi umfo kaMpisane engabangwa nezibi futhi kubonwe ngokusa uma kungaba ne-lockdown ne-loadshedding enkonzweni yasekameleni. Esikhundleni sokuhlohla amagoli enkundleni yebhola, uhlohla izisu sengathi sekuzophuma esitayeleni. Ngikhuluma nje, useneminyaka engu-22 kodwa usengubaba wezingane ezintathu. Njengamanje umkakhe, uTamia oyibhimbi, ukhulelwe eyesine. Nayo ezolama enonyaka.

DJ SITHELO

Asikhohliwe ukuthi unezimbili kuDJ Sithelo, nazo ezixinana eduze sengathi zigijima u-100 mitres. U-Andile yinsizwa yohlobo. Kazi uyothi efika ku-42, uyobe esenezingane ezingaki? Ngithi mina akagqokiswe ijazi lomkhwenyana noma athenwe ukuze aqhubeke kahle nokuzitika.