Ezokungcebeleka Osaziwayo

Uqophe umlando ngesiphihli somngcwabo wenja

Bongiwe Zuma|Published

UMNDENI nabangani bakaMoshe ebebethamele inkonzo yesikhumbuzo nomgcwabo wenja yakhe Isithombe: ITWITTER

INGCWATSHISWE okwenkinsela inja yomethuli wezinhlelo zethelevishini nophinde abe ngumlingisi. USugar Ndiki oyinja kaMoshe Ndiki, wenzelwe indumezulu yenkonzo yesikhumbuzo ehlangene neyomgcwabo wokumvalelisa.

Le ngcanga yenzelwe umngcwabo ohambisana ne-decor eshaya ngezihlalo zomtakabani nobungafunga ukuthi umshado.

Kuphinde kwabonakala nabanye bosaziwayo abahambele le nkonzo kanjalo naye uMoshe obeswenke obebukeka ekhathazekile ngenja yakhe.

Abantu balokhu bebabaze njalo ezinkundleni zokuxhumana ngezinga lenkonzo kaSugar.

Babodwa abafisa ukwazi ukuthi ufundiwe yini umlando wale nja nokuthi bewuthini. Abanye balokhu bebalise njalo ngemali echithwe kuhlelwa le nkonzo bethi ibengenza umehluko omkhulu kwabahlwempu.

"Cabanga uye emngcwabeni wenja ufike ukhihle isililo, yazi oMoshe benza okungaphezulu. Bekumele ayonikelela abagilwa baseNyobeni noma angikhokhele ugesi," kusho uXola kwiTwitter.

"UMoshe uyindoda yokuqala ngqa ukuhlanganisa abantu abamnyama baze bavume ngento eyodwa. Yaze yamosheka imali," kusho uRaymond Monty Maboea kwiTwitter.

"Uma ngicabanga ukuthi ngiswele ngisho u-R200 wokuxazulula izinkinga zami kodwa uMoshe uqasha i-decor enje ngenja?" kubalisa uMncwango Nurse kwiFacebook.

UMoshe ubonge ukwesekwa ngalesi sikhathi esinzima kuye.

"Ngiyabonga mndeni nabangani ngemiyalezo yenduduzo nokuzwelana nami ngobuhlungu engibuzwayo," kusho uMoshe.

ABANYE babantu ebebezokweseka uMoshe oshonelwe inja yakhe uSugar Isithombe: TWITTER

ISITHOMBE esithathwe ngaphambi kokufika kwabantu ebebezongcwaba uSugar, oyinja kaMoshe nobehlelelwe umngcwabo osezingeni Isithombe: TWITTER