Ezokungcebeleka Osaziwayo

Wonke umuntu uyazi ukuthi uKelly usebenzisa amakhathakhatha: Jub Jub

Intatheli Yezokungcebeleka|Published

UMREPHA osengumethuli wezinhlelo, uMolemo “Jub Jub” Maarohanye

UMREPHA osengumethuli wezinhlelo, uMolemo “Jub Jub” Maarohanye, kungenzeka azithole esobishini nengalo yomthetho kulandela ukukubeka ngembaba ukuthi owayeyisinqandamathe sakhe, umculi uKelly Khumalo, usebenzisa umuthi.

UJub Jub, ongumethuli we-Uyajola 9/9, ubonakala kwisiqeshana sohlelo lukaMacG ethi: “Thina sonke esijola naboKelly siyafa. Sonke siyafa noma kwenzeke okunye...wonke umuntu uyazi ukuthi uKelly usebenzisa umuthi.”

Ingxoxo kaMacG noJub Jub kulindeleke ukuthi idlale kwiChannel O ngoDisemba 1, ngo-9.30 ebusuku.

Ngaphandle kukaKelly, anengane naye, uJub Jub kulindeleleke ukuthi ageqe amagula ngempilo yakhe kulesi siqephu.

Uzokhuluma nangesikhathi sakhe edonsa isigwebo ejele.