UMCULI we-kwaito uThokozani “L’vovo Derrango” Ndlovu usephumile egunjini labagula kakhulu esibhedlela, kanti odokotela basazama ukumtotobisa ukuze akwazi ukuzihambela ngemuva kwengozi eyamehlela eNewcastle.
UL’vovo ekhuluma neSolezwe esesibhedlela uthe uyathemba ukuthi usezophuma maduzane njengoba odokotela okuningi sebekwenzile sekushoda ukuthi bamlekelele ukuze aphinde akwazi ukuzihambela.
“Inkinga ngashayeka enqulwini ngakho ukuhamba kunzima kakhulu, kodwa manje odokotela sebelifakile ‘ipuleti’ lokusiza le ndawo ukuthi ilulame sekuyikhona nje ukuthi ngikwazi ukuhamba. Sengiqalile ukuhamba amakilasi azongisiza ukuthi ngihambe ngendlela futhi ngiphumile ngoLwesithathu egunjini labagula kakhulu,” kusho uL’vovo.
“Cha sona isimo sasingasibi kakhulu kuwukuthi nje ngathinteka impela emlenzeni kodwa emzimbeni nakwezinye izindawo bekungekubi. Ukusinda kwami engozini kungikhombise ukuthi kusekhona okusamele ngikwenze emhlabeni,” kusho yena.
Uthe uyabonga kubona bonke abebemvakashela esibhedlela nakubo bonke abebemkhulekela ukuthi asinde ikakhulukazi ozakwabo kwezokungcebeleka nabalandeli bakhe.