UMVUNDLI wembande akasweli lutho, lokhu sikubonile kumthwebuli weSolezwe ngomsebenzi wakhe obatshazwa yizinkulungwane zabantu.
Kuyikhono elikhethekile ukwazi ukuxhumana nokuxhumanisa abantu beminyaka ehlukene, bezilimi ezahlukene nobuhlanga obungafani usebenzisa isithombe.
Isithombe sixoxa indaba yosizi kwabakhungathekile, sikubonile lokhu ngomonakalo odalwe yizikhukhula ngonyaka odlule KwaZulu-Natal. Sibuye sixoxe indaba yenjabulo lapho siveza iqembu lebhola, labashayi bengoma benqobile.
Kuthiwa usindiswe wumbhede umkhulu Nyandeni (80) indlu yakhe ihlukana phakathi. I-video: Bongani Mbatha pic.twitter.com/TMu8FcBKy6
— SA REPORTS (@MARIUSBROODRYK) April 13, 2022
Isithombe sikuthatha sikubeke ezweni elikude, lapho ungakaze uphuphe ukuthi uyoke ufike khona kodwa ngeso lomthwebuli, uhamba ufike.
UBongani Mbatha, ubeyintatheli exoxa izindaba ngezithombe. Ubenekhono elikhethekile lokuxoxa nezinkulungwane zabantu ngesithombe okuthi uma usibuka, uzibuze ukuthi umuntu obesithatha ubemi kuphi, kanjani?
Usizi lwezikhukhula ezahlasela eThekweni namaphethelo, lwalubhalwe emehlweni abantu abaningi ababexoxa udaba lwabo ngezithombe namavidiyo, ayecoshelwa yile nsizwa yakoShandu.
UBongani usibonise ubuhle bosiko nobuciko bukaZulu, lapho indlunkulu ibilungiselela ukugcoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini. Kube ngokokuqala emlandweni wentsha yakuleli ukubona kugcotshwa iNgonyama kaZulu. Abantu bafunde lukhulu ngemicimbi eyenziwa ngaphambi kokuhlala kweNgonyama esihlalweni.
Nemicimbi yobumnandi, uMbatha ubecaphuna umuntu enganakile, amqhakazise amenze abe muhle ngokwedlulele.
We can't believe it's the final day of #INDABA2018! Make sure to stop by one of these top stands before the end of the day: https://t.co/yWQJsTQ4tx
— Durban ICC (@DurbanICC) May 10, 2018
📷: Bongani Mbatha pic.twitter.com/Fbw1QrGBEa
Spotted on the #MMA16 black carpet before the heavens opened up, ' Thando Thabooty' 📷@Thando_Thabethe
— Sunday Tribune 🗞 (@SundayTribuneSA) February 25, 2017
📸: Bongani Mbatha, Independent Media pic.twitter.com/ZB1fHvRnwL
Izihlobo nabangani zilokhu zibabaze njalo uthando abenalo ngomsebenzi wakhe, ngisho uhambo lungaqondene nomsebenzi, wawubona sekungena umlayezo ovela kule nsizwa, uthi uyabheka, izalukazi zishaya ingoma e-ICC, hawu, nini ngoba phela wena kawusebenzi namhlanje.
Ubumnandi bokwenza umsebenzi owuthandayo nobizelwe kuwona, wukuthi usebenza mihla namalanga, alukho usuku olungeke lukuvuselele ukuthi wenze kangcono kunayizolo.
Amalungu EFF eviliyela ecula amaculo eqembu ukulungiselela inkulumo kanobhala-jikelele uMashal Dlamini ngaphandle kwamahhovisi eqembu eGlenwood 🎥 Bongani Mbatha / ANA pic.twitter.com/sASX9HR7y5
— Isolezwe News (@IsolezweNews) March 20, 2023
Siyabonga Mthiya, ngokuzinikela kwakho ubonisa ikhono elihle lokucoshela izindaba. Uwena owazi kangcono ukuthi isithombe sikuthatha sikubeke nalapho ongakaze unyathele khona.
Mfundi weSolezwe, thokozela imiphumela yemisebenzi emihle yale nsizwa esiphucwe yona kabuhlungu singalindele. Abaziyo bathi umhlaba kawunoni!
SEKUTHOLAKELE izidumbu zabathathu kwabayisikhombisa okubikwe ukuthi bamuke nezikhukhula eCato Crest ngoLwesibili 🎥 Bongani Mbatha pic.twitter.com/frHC90mG68
— Isolezwe News (@IsolezweNews) June 28, 2023
KUBE wusuku lwenjabulo nobumnandi abeSanco behlanganyele nowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma kugujwa usuku lwakhe lokuzalwa eDurban Music house, eThekwini 🎥 Bongani Mbatha / ANA pic.twitter.com/IqN7z14eUi
— Isolezwe News (@IsolezweNews) April 12, 2023