BAZOGQAMISA impilo esheshayo, ubukhazikhazi bempilo ephezulu abayiphilayo kanye nezingxabano ababa nazo njengabangani abesilisa basePort Shepstone abazobonakala ohlelwemi amaGrootman.
Kusuka ngo-Okthoba 24, ngo-8, ebusuku kuMzansi Magic, kuzobonakala abangani abayisithupha abazokhombisa konke abakwenzayo njengabangani abaqala ukwazana besebancane.
Kulo kuzobonakala u-Andile Khumalo, Bheki Hlophe, Busani Ndwalane, Bonga Madlala, Mpho Mbili, noJackie Ngcobo.
ULucky Khowa onguphrojusa walo, uthe laba bangani bazobonakala behambela izindawo eziphambili, beveza izinto abazenzayo ukuze bazijabulise kodwa nezingxabano nezinye izinto ezithinta amabhizinisi abakuwo nazo zizogqama ohlelweni.
Uthe izinkundla zokuxhumana zibe nomthelela omkhulu ekutheni bashuthe izinhlelo zalolu hlobo muva nje.
“Uhlelo amaGrootman ngingalufanisa nalolu lwabesifazane abangasebenzi abaphila kahle, olukhonjiswa kuleli muva nje. Lezi zinsizwa esizozibona zikhule ndawonye, zaba abangani njengoba manje sezilapho zikhona ngempilo. Yize zingezile ukuzobukisa ngempilo yazo, kodwa zizoveza impilo eziyiphilayo njengoba zazana kudala kanjalo neyemindeni yabo,” kusho uLucky.
Uthe kulolu hlelo kuningi abantu abazokufunda, hhayi nje ngempilo ephezulu kodwa ngokubambisana kwabantu besilisa okuyinto engagqamile.
Uveze ukuthi njengoba esekhiqize izinhlelo ezihlukene zalolu hlobo kukhona nolunye abaluphekayo manje okulindeleke ukuthi luqale ukubonakala kwithelevishini ngonyaka ozayo.
Uthe izinhlelo eziningi abazenzayo azisekho ngosaziwayo njengasekuqaleni njengoba izinkundla zokuxhumana zibavezele abantu abebengabalindele.