UKUBA yindlala kwemicimbi emikhulu egqamisa nechumisa izimbongi ngesinye sezizathu ezenze usomahlaya, uMondli Mzizi wahlela umcimbi wamahlaya ozokwenza kusizakale namaciko abhala, ahaye izinkondlo ngesiZulu.
UMondli odabuka eXopo kodwa osemningi eThekwini, uzokwenza Inking’ Entsha Comedy, umcimbi wamahlaya ozoba seBat Centre, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-7 kuya ku-9 ebusuku.
Exoxa neSolezwe ngalo mcimbi, uthe bekumkhathaza ukungandi kwemicimbi emikhulu yezinkondlo enjengoPoetry Africa egqamisa izimbongi, wase enza lo mcimbi ameme kuwona izimbongi ezimbili, okungoSbo Da Poet noSindiswa Zulu.
“Lo mcimbi uzosiza kakhulu ukuqinisa ubudlelwano kosomahlaya nezimbongi njengoba kwakuvele kunjalo eminyakeni edlule, futhi uma ulalelisisa ezinye zezinkondlo zalezi zimbongi uyezwa ukuthi zinoteku olwenza abantu baphele yinsini,” kusho uMondli.
Kosomahlaya kuboshelwe Amawele AseChesterville, uMpukane Flymotion, uNonto R, uNgane Ngane noSaladi.
“Nami njengoba ngizobe ngiphethe uhlelo lomcimbi, ngizolokhu ngithi thasi amahlaya okwenza abantu bajabule, ngivale izikhala ezithile uma ngibona kunesidingo,” kusho uMondli.
Enaba ngendikimba yomcimbi, uthe ususela kwitemu ebelivame ukusetshenziwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana uma kunento embi noma enhle eyenzekile, bethi ‘sinenkinga entsha’.
“Nathi sizobe siqhulula amahlaya esiwasusela lapho, sisebenzisa leli temu ukujabulisa abantu abazobe bethamele umcimbi,” usho kanje.
Uthe amathikithi adayisa kahle kakhulu, kanti asatholakala ngoR200 kuya kuR300 eComputicket naseShoprite Checkers.