BAZOZWAKALA emsakazweni iGagasi FM, abahlanu abazama inhlanhla yokujoyina lo msakazo nabamenyezelwe emcimbini obungoMgqibelo, ezindlini zalo msakazo eCornubia.
IGagasi FM, limatasa lithungatha umsakazi oyedwa osemncane ozoba yingxenye yalo msakazo.
Ozowina emkhankasweni iGagasiFMRisingStar, uzozwakala kulo msakazo njalo ngoMgqibelo ohlelweni oluthi UmsindoTakeover, noMkay Music.
Oyedwa phakathi kukaLusanda Mnqayi, Sphokuhle Luthuli, Wendy Ntshangase, Ngcebo Bhengu noSilindile Ngobese kusuka ngoMgqibelo ozayo uzozithola eseyingxenye yalo msakazo.
Okhulumela iGagasi FM UKhulekani Shandu uthe, laba bangaqhubeka bavotelwe umphakathi ekhasini labo kuFacebook.
“Laba bobahlanu bazozwakala kusukela ohlelweni lwasekuseni olusakazwa uFelix Hlophe noMinnie Ntuli, bazoqhubeka usuku lonke kuze kugcine ohlelweni lwantambama olusakazwa uHeazy, Khaya Dladla noZisto. Ngalokhu sifuna bezwe ubumnandi bokuba yingxenye yalo msakazo ngisho phakathi nezinsuku. Ngakho siyabamema nabalaleli ukuthi bayilalele le ntsha. Ozohlabana ukuwina kwakhe kuzolala emaphesentini angu 30 omphakathi bese kuthi angu 70, kube ephuma emajajini,” kusho uKhulekani.
Uveze ukuthi ozodla umhlanganiso uzoba nenkontileka yezinyanga ezingu 12 nalo msakazo.
Onqobile uzomenyezelwa bukhona ohlelweni Umsindo Takeover futhi bafuna abalaleli balo msakazo babe babe nesandla ekukhetheni ozowina.
IContent Specialist yeGagasi, u-Ayanda Melansi, obememezela lezi zinsizwa nezintokazi uthe bayababongela kakhulu ngokufika lapho bekhona futhi bonke babafisela inhlanhla.
Unxuse ukuthi abalaleli balo msakazo bazilalele izinhlelo namhlanje ukuze bezwe ikhono labasesigabeni sokugcina.