INGWAZI esiyibekile induku ebandla emculweni kodwa esifundisa enyuvesi yaphesheya kwezilwandle, uDkt Sipho Sithole, ithe udungunyane kumaskandi lwaqala ngesikhathi abaculi beba nabalandeli sengathi amaqembu ebhola. UDkt Sithole ofundisa eHoward University,e-USA, ukhulume kanje ngesikhathi Isolezwe Ngempelasonto limcela ukuba aphawule ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwabalandeli balo mculo.
NgoLwesine kuvele imibiko yokuthi sekudutshulwe kwabulawa obezibiza ngomhlaziyi walo mculo kwiTikTok, uSiqiniseko Mvelase waKwaMaphumulo. Kusolwa ukuthi le nsizwa, ebicheme udede noMthadeni Manqele futhi ihlale igxeka uKhuzani Mpungose, ihlaselwe ngabantu isakhuluma bukhoma nenye intokazi yakwaQwabe kwiTikTok maqede bayithela othulini ngoyaba lwezinhlamvu ngezithuba zawo-11.49 ekuseni. Kune-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kuvezwa khona uSqiniseko edutshulwa kuze kuwe ifoni.
Lezi zindaba zibuye zaqinisekiswa ngabangani bakaSqiniseko, uMnuz Thabang Khumalo noMnuz Skhova Mhlongo kwiTikTok.Nozibize ngodadewabo nothe ungumfowabo, angatholakalanga amagama abo, bathe bazibonele uSiqiniseko edindilizile endaweni yesigameko. Nakuba kunjalo kodwa okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uCaptain Tintswalo Sibeko akakwazanga ukuqinisekisa lesi sigameko ngenxa yokungatholakali kwe-case number. Ubulawa nje uSiqiniseko uqale wathunjwa nyakenye ngabazibiza ngamaphoyisa ngaphambi kokudunelwa ikhasi leTikTok kule nyanga.
Nakuba sekuyisidumbu sesibili lesi siphuma ngenxa yezinkulumo zeTikTok, emuva kukaDubula Mbatha owabulawa nyakenye kwaSteve Carwash and Shisanyama eGoli, kuze kube manje sebengaphezulu kuka-10 abalandeli bakamaskandi asebebulewe ngenxa yokungcofana kwamaqhawe abo. Ekungcofaneni kukaMgqumeni noMtshengiseni Gcwensa ngomculo kwashona abantu abangaphezu kwesithupha. Kwaze kwaphoqa owayengumphathi woKhozi FM, uBhodloza Nzimande nomsunguli wamaSatma Awards, uDumisani Goba, ukuba bamise izingoma zikaMgqumeni nezikaMtshengiseni oKhozini nakumaSatma.
UMgqumeni noMtshengiseni bagcina bekhumelene umlotha ngo-2009, okuwunyaka okwashona ngawo uMgqumeni ngokugula. Emuva kokushona kukaMtshengiseni ngo-2015, udungunyane luqale phansi sekungcofana uKhuzani waseNkandla noMthandeni waseMdletsheni kangangoba ngo-2017 kwadutshulwa kwabulawa abalandeli ababili kwiNqoboka Maskandi Festival, eCurries Fountain Stadium eThekwini. Ngo-2016 kwabulawa amalungu eqembu, Abafana BakaMolo Bangempela, uLebohang Dlamini, Mxolisi Hlabeni noLehlohonolo Mofokeng. Kulesi sigameko kwasolwa ukungahoshelani kwaBafana BakaMolo Bangempela abaholwa nguXolani Mkhize neqembu likazakwabo ayegida naye kuBhekumuzi Luthuli, Abafana BakaMolo abaholwa nguGearbox Mtshali.
"Konakala ngesikhathi abaculi beba nabalandeli sengathi amaqembu ebhola. Ngisho nakwiReggae, besaphila oBob Marley, Jimmy Cliff noBarney Wailer, nabanye, akukaze kubekhona abathandi bomculo lapho bekhetha lo, hhayi lo, kuze kuchitheke igazi. Lokhu kukhombisa ukuthi abantu sebengenela udumo nokuduma, hhayi umculo. Wake wezwaphi kuthiwa abalandeli bePirates, Chiefs nabaMaZulu, babulelene," kusho uDkt Sithole ogcizelele wathi ungahamba uwuqede umhlaba kodwa ngeke ubone izihlabani zomculo ziqhoshelana zodwa. "Ngeke ubone oSnoop Dog, Celine Dione, naboChaka Chan bebhala ezinkundleni zokuxhumana bethi ‘niyabona ukuthi abantu bangithanda kanjani? Uze uqhoshele lona enishiyelana naye inkundla. Ubungane kanye nokungazi lutho. Sekuphume isidumbu, kungaqali futhi."