UMLINGISI wodumo kwiTsotsi neThe River, uPresley "Cobrizi" Chweneyagae, udlule emhlabeni eqeda ukuqopha ifilimu ebingakaphumi. Lokhu kudalulwe wumdidiyeli wale filimu, uKagiso Modupe. Uthe ifilimu yakhe enoCobrizi isaqedelwa okuthize ngaphambi kokuba ikhishwe. Umufi ushonele kwakhe ePitoli ngoLwesibili ngenxa yokunqanyukelwa wumoya.
Lokhu kuqinisekiswe ngokhulumela umndeni wakwaChweneyagae, uMzwakhe Sigudla. UCobrizi (40) uzokhunjulwa ezindaweni ezimbili. Inkonzo yokuqala iseMmabatho Convention Centre, eMahikeng, eNorth West ngoLwesibili ngo-11 ekuseni bese kuthi eyesibili ibe seState Theatre, eTshwane ngoLwesine phakathi kuka-11 ekuseni no-2 emini. Leli qhawe lizofihlwa ePitoli ngoMgqibelo ozayo.
Wayengazi ukuthi nendodana yakhe izoduma yaziwe umhlaba wonke. Uqale ukugqama ngesikhathi ifilimu ayelingisa kuyo indawo eqavile, esihloko sithi Tsotsi, idla umhlanganiso kuma-78th Academy Awards emunxeni weForeign.
Kusukela lapho lo mlingisi akabange esabheka emuva. Ugcine eselingisa emidlalweni yethelevishini, eyeshashalazi nasemafilimini amaningi okubalwa kuwo iNumber Number, Zama Zama, Cobrizi, More Than Just a Game, State of Violence, Africa United neSolomon Mahlangu. Phakathi kosaziwayo abashaqekile ngokushona kukaCobrizi kubalwa nozakwabo ayelingisa naye kwiTsotsi, uTerry Pheto.