Isihlabani somculo kamaskandi, uMenzi Mabizela nemenenja yakhe, uNsikayethonga Mazibuko, sebeyinkukhu nempaka ngenxa yomsindo osuswe yizinkomo zamalobolo.
UMenzi, wodumo lwenoni elithi Umuntu Wami nelithi Ngeke Ungiphathe, uthe iminenja yakhe ayikuthakaselanga ukuzwa ukuthi yena usethenge izinkomo ezinhlanu zokulobola ingoduso yakhe kodwa uNsikayethonga uthe baqhathwe ukuthi wenqabile ukukhokhela lezo zinkomo.
Lo mculi uthe nemali athenge ngayo lezi zinkomo ubeyipatanisa ngoba ubesahole uR10 000 kuphela kuNsikayethonga kusukela baqala ukusebenzisana ngo-2020.
Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, uMenzi uvumile ukuthi ikhadi belihlala kuye kodwa avunyelwe kuphela ukuba athenge igilosa.
Lo mculi ubalisa kanjena nje, ungomunye wabaculi abayizintandokazi nabaqashwa kakhulu emicimbini emikhulu.
Useke wahlabana ngomklomelo weBest Newcomer kumaSouth African Traditional Music Achievements (Satma) Awards futhi i-albhamu yakhe ethi Ngeke Ungiphathe ishaye iGold Disc.
Uthe akekho umhleli womcimbi owake wafaka kuye imali kodwa yonke beyiya kuNsikayethonga.
Uthe yena ubegcina ngokuthunyelelwa iziliphu eziqinisekisayo ukuthi imali ingenile aqashwa ngayo kodwa angatholi nendibilishi.
UMenzi ubuye wadalula ukuthi uNsikayethonga ubengafuni lo mculi azithengele izingubo, engamvumeli ahlangane nozakwabo noma axhawulane nabalandeli.
"Ngolunye usuku bathi bayeza abalandeli sikwaMai Mai, wavele wanyusa iwindi lemoto."
UMenzi uthe yena ubesephenduke inhlekisa kwabanye abaculi, bethi ugqokisa okwekhehla.
Esephetha uMenzi ukhale kakhulu ngezingoma ezazisale enza i-albhamu yakamuva njengoba uNsikayethonga esezisabalalise mahhala ezinkundleni zokuxhumana.
Ethintwa yiSolezwe, uNsikayethonga uthe akukhulunywe noMenzi ngoba nguye oneqiniso. Kuhluleke ngisho Isolezwe lizama ukumgomboloqa.
Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, uNsikayethonga uthe yena noMenzi baqhathwe ukuthi uMenzi ubefuna amthengele izinkomo zokulobola ezinhlanu.
Uvumile ukuthi bese beqale uhlelo lokuholela uMenzi uR10 000 zinyanga zonke nokuthi ubehlele ukufakela ingoduso kaMenzi imali njalo ngenyanga ukuze ibheke izidingo zayo. Uthe uMenzi ubehlale emnikeza imali engaphezu kukaR3 000 ukuze athengele abakubo igilosa. Phezu kwalokho, ubemxhasa ngemali ukuze akhe umuzi wakubo, abaxabane ungakapheli.
Umhleli womcimbi waseMnambithi, uSihle Cindi, uthe usehlele ukuhlangana noMenzi noNsikayethonga ngenhloso yokuba bakhumelane umlotha.