UMKHUBA oyinkohlakalo wokudla izimali ezinikwa izinkampani zokuqopha ukuze wenze imidlalo ewuchungechunge uya ngokwanda.
Sikhulu isililo kubalingisi ababonakale emidlalweni ehlukene kuleli abangakhokhelwe namanje ngenxa yokuthi ophrojusa badla izimali okumele ngabe bakhokhela ngazo abalingisi nabasebenzi ukuze baqhubeke nokuqopha.
Kwa-e.tv kuphele umdlalo othi Nikiwe obuqoshwa yinkampani iParental Advisory Productions(PAP) ephethwe uThomas Gumede noLungile Radu.
Kulo mdlalo kuvele amahebezi athi kudliwe izimali, kwagcina ngokuthi abaphathi be-e.tv banqume ukuwuqeda.
Akugcinanga lapho, uMultiChoice uphinde waphuca amandla inkampani iClive Morris Production kaClive Morris ebiqopha umdlalo okhonjiswa kuShowmax othi Empini.
Ukwenze lokhu ngazo njalo izinsolo zokuthi umphathi wale nkampani udle izimali.
Isolezwe lixoxe nemithombo ehlukene kwaMultichoice, kwa-e.tv nakweminye imidlalo ukubheka ukuthi izinkinga ezifana nalezi zidaleke kanjani.
Umthombo osondelene nesiteshi i-e.tv uveze ukuthi odabeni oluthinta ukuphela komdlalo iNikiwe, akumele kusolwe abaphathi beParental Advisory Productions kuphela, njengoba umsebenzi owona izinto kakhulu waqashwa yisiteshi.
“Kukhona owesifazane, kumanje uhlala phesheya, okunguye owafakwa kulo mdlalo ngabe-e.tv ngoba bethi akazobheka izimali zalo mdlalo. Lokhu kwalandela zona izinkinga zezimali ezase zibonakala ziqala. Kwathiwa kufuneka umuntu oqashwe yisiteshi, nozothembeka. Lowo wesifazane uyena owafike wavula enkulu imbobo, wazithatha izimali. Kuthe sekubonakala ukuthi sekonakele wahamba, nomdlalo wavalwa,” kuchaza umthombo.
Uthe kuze kube manje abalingisi abakaze bazithole izimali zabo futhi akekho ofuna ukuphendula phakathi kwesiteshi nabaphathi benkampani yokuqopha.
UClive Morris uthe okunzima ngemidlalo abhekene nayo wukuthi mincane ephumelelayo njengoba iSABC yagcina iwuqedile umdlalo iThe Estate ngakho ukudliwa kwezimali.
Umthombo osemdlalweni iQueendom nawo uveze ukuthi ukuba kuya ngawo, ngabe uClive akasanikwa imisebenzi yalolu hlobo, njengoba kwaziwa ukuthi akakwazi ukuphatha ngendlela abasebenzi.
“UClive indaba yakhe iyaziwa. Ngiyamangala mina ukuthi kungani namanje esanikwa ithuba lokukhiqiza imidlalo emikhulu ngoba ayifinyeleli kulesi sigaba iziteshi zethelevishini ezifisa ukuthi zibe kusona ngenxa yokuthi kuba khona izinkinga zemali. Ngokwami uDuma Ndlovu, Mandla N, Connie Ferguson nabaphathi benkampani iTshedza Pictures, Bomb Production ngabantu okumele ngabe banikwa imisebenzi ngoba singakaze sibone belandelwa izinsolo ezifana nalezi,” kuchaza umthombo.
Engxoxweni aba nayo nozakwabo weSolezwe i-IOL, uClive uveze ukuthi abaxhasi yibona ababenzele phansi njengoba bekulesi simo.
“Isimo sethu sezimali sibe sesilimala ngoba abaxhasi basilaxaze ngomzuzu wokugcina. Thina ngakolwethu uhlangothi siyikhokhile imali edingeka ngakithi, futhi noBET uyikhokhile obekumele iqhamuke ngakuye kodwa kukhona abaxhasi okuyibo abasenzele phansi. Asazi ukuthi yini eholele kulokho. Asazi noma kukhona nabo okubavelele base bethatha isinqumo esifana nalesi, okuholele ekutheni bangakhokhi,” kuchaza uClive.
Uthe bamatasa babheka abaxhasi futhi noBET nawo uyababheka ukuze konke kubuyele esimweni.
Imithombo ikhuluma kanjena nje, uDuma Ndlovu ngomunye okuke kwasuka ukudideka njengoba umdlalo iMuvhango uphelelwe yiziqephu, wanqanyulwa ukukhonjiswa ngezinsolo zokuthi abalingisi abakhokheliwe.
Kodwa Isolezwe lithole ukuthi uDuma neSABC babe nesivumelwano sokuthi iMuvhango ayike ishintshe indlela ebukeka ngayo kanjalo ibe nabalingisi abasha.
Ngempela ngesonto eliphelile kuvele isimemezelo esithi kuzoba khona izinguquko ezithinta abalingisi, ibika lomdlalo kanjalo nendlela igama lalo mdlalo elibukeka ngayo.
Kuwo lo mdlalo kulindeleke ukuthi sibone abalingisi abasha okukhona kubo uLeleti Khumalo.
Inkampani yokuqopha iStained Glass Pictures kumele ishayelwe ihlombe ngoba izinkinga zalolu hlobo zisathe ukuma, yize nayo ike yabhekana nazo emdlalweni Uzalo eminyakeni edlule.
Abaphathi beziteshi kumele basike iphethini kwaMultiChoice, nasentokazini ebhekelele izinhlelo zakuleli uNomsa Philiso, ngokuthi lezi zinkampani abazinika umsebenzi, uma zingenzi kahle kumele baziphuce.
Akumele bancetheze uma kuziwa kulokhu ngoba kwehlisa isithunzi sabo, futhi bafaka ingcindezi kubalingisi abasuke beyidinga imali futhi beyisebenzele kanzima.
Abakwa-e.tv esitatimendeni abasithumelele Isolezwe baveze ukuthi bona bayikhokhela baqeda inkampani iPAP imali yokuqopha iziqephu ezingu-260 ezizokhonjiswa imizuzu engu-23.
Bathe le nkampani yabanika iziqephu ezingu-190.
“Uma kuziwa ngakwezezimali, thina salenza iqiniso kodwa bona abakwenzanga esavumelana ngakho. Uma kuziwa ezinkingeni zezimali zalo mdlalo, konke kumele kuthunyelwe kuPAP ukuze inike izimpendulo,” kuchaza isitatimende.