BAZOGXILA ekuhleleni imicimbi ezindaweni ezahlukene ezweni lonke njengoba kuvalwa iKonka eseSoweto kulo nyaka.
Lokhu kuvezwe ngabanikazi bendawo yobumnandi ngesitatimende esiqinisekisa izindaba zokuthi iyavalwa le ndawo eyasusa umsindo ngokuba ngeyomacaphunakusale.
Ukubiza kweziphuzo, izimoto zikanukusho ezingena kule ndawo, nezintokazi ezishaya ngezinwele ezinde eziphephezelayo, izinsizwa zona, zinyathela ‘ngamatawuzeni,’ konke lokhu yikona okwagqamisa le ndawo ese-Orlando, eSoweto njengendawo engamukeli noma ngubani kodwa ifuna abanephakethe eliqinile.
Ububona ngengqephu kanokusho kubantu abahambela khona, ukuthi kufuneka oGabhadiya kuphela lapha. Udumo lwayo lwazamazamisa izwe lonke. Lwakhuphula nezinga lezindawo zobumnandi eGoli, kwazise abaningi bese bencamela ukwehla baye eMdubane beyojabula ezindaweni ezifana nakwaMax naseYadini.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngabanikazi bale ndawo, kusukela ngomhla ka- 18 Febhuwari kuya kuMeyi kulo nyaka, kuzobe kwenziwa imicimbi yokuvalelisa abajabula kule ndawo.
Abanikazi bale ndawo bathi bazovula ikhaya elisha ehlobo kuwona lo nyaka kodwa ngaphambi kokuba ivulwe leyo ndawo, bazoqhubeka nokuhlela nokuba yingxenye yemicimbi emikhulu ezindaweni ezahlukene kuleli.
Livame ukuba khona itende leKonke emcimbini womjaho wamahhashi iDurban July futhi baba yingxenye yeMacufe Festival esifundazweni iFree State.
NgoDisemba wangonyaka odlule, kwabonakala osaziwayo abaningi beshiya elakuleli beyohlukanisa unyaka phesheya, iKonka ihlele indumezulu yomcimbi wokuhlukanisa unyaka eDubai.