IHAMBELA phezulu imbongi yaseNkandla ethole ithuba eliyingqayizivele lokulingisa indawo eqavile emdlalweni omusha weMzansi Magic.
UKwazi Nsele (28) waseCwaka, eNkandla, uzolingisa okokuqala emdlalweni wethelevishini Uthando Olusha okulindeleke ukuthi uqale ukuboniswa kuMzansi Magic ngasekupheleni kwale nyanga.
Uthe uzolingisa indawo kaThabang omunye wabafana ababili abazogcina sebebanga intombi.
Uzobe elingisa nabalingisi abanohlonze okubalwa kubo uLinda Sebezo, odlala indawo kaLillian kwiSibaya, uDieketseng Mnisi, odlala indawo kaMaNtuli kwiSkeem Saam nozakwabo uMlungisi Mathe, olingisa indawo ka-Emkay kuso iSkeem Saam.
Uthe ubelokhu elilobizela ithuba lokulingisa emdlalweni wethelevishini njengoba ubegxile emidlalweni yeshashalazi.
“Ngithintwe abeMzansi Magic ngenyanga edlule bengazisa ngenhlolokhono yomdlalo. Ngiye kuyo ngiyozama inhlanhla. Ngathuka uma sebengazisa ukuthi ngithole indawo yomlingisi oqavile,” kusho uKwazi.
Uthe abantu bazowuthakasela umdlalo ozogxila embangweni wentombi phakathi kwezinsizwa ezimbili ezisondelene.
Echaza ngawo uthe uThabang uvelelwa yingozi yomgwaqo eholela ekutheni aphazamiseke emqondweni agcine engasakhumbuli lutho, akhohlwe nayisinqandamathe sakhe.
Uthe intombi igcina isilingeka ithandana nomfowabo ozalwa uyise ongamzali kodwa omkhulisile.
Utuse umaskanda ongasekho, uMjikijelwa Ngubane, ngokumsiza ukuthi agcine eseyimbongi eyaziwayo ngemuva kokuhlangana naye ehostela laseDube eGoli.
Uthe ushiye kumaskandi ngo-2016 ngoba esefuna ukugxila ekubhaleni imidlalo.
Uphinde wabonga umngani wakhe uMlungisi Mathe ngokumlekelela ukuthi afeze iphupho lakhe lokuba ngumbhali wamafilimu nokungena ekulingiseni.
“Ngahlangana naye uMlungisi ngabe sengimcela ukuthi angisize ngoba ngifisa ukusabalalisa ikhono lami lokuba ngumbhali. Ngibe sengibhala umdlalo wami wokuqala weshashalazi i-I’m from Nquthu oboniswe eJohannesburg Theatre ngonyaka odlule,” kusho
uKwazi.
Kumanje umatasa nomjikelezo womdlalo wakhe weshashalazi lapho kulingisa yena yedwa obizwa ngeMy Obituary.
Lo mdlalo uzoboniswa ePlay-house ngo-Ephreli 13 kanti usahlela ukuwuyisa eKapa nakwezinye izindawo.