Okwababukeli abafuna imidlalo yansukuzonke ekhuluma ngqo nezimo abantu ababhekana nazo nezihloko ezithinta umphakathi, i-e.tv ikhiqize izinhlelo ezijabulisayo ezimbili eziwuchungechunge, Ithemba Alibulali and Uzozisola – Regrets.
Image: Supplied
Okwababukeli abafuna imidlalo yansukuzonke ekhuluma ngqo nezimo abantu ababhekana nazo nezihloko ezithinta umphakathi, i-e.tv ikhiqize izinhlelo ezijabulisayo ezimbili eziwuchungechunge, Ithemba Alibulali and Uzozisola – Regrets.
Uchungechunge lokuqala, Ithemba Alibulali, ludlala njalo phakathi nesonto ngo-4 PM. Lo mdlalo obuhlungu ulandisa ngempilo kaRani, intokazi ezimisele enamaphupho okusebenza kwezempilo. Izifiso zakhe zishintsha ngendlela engalindelekile lapho eshada nodokotela ohlinzayo onekhono, okuthi, naphezu kwempumelelo yakhe yobungcweti, onenkinga yokuveza imizwa yakhe nokuba nozwelo. Indaba iqala lapho uRani ethola ukuthi ukhulelwe, okumfaka ingcindezi njengoba ezama ukujwayelwa impilo entsha yokuba ngumama. Lo mdlalo ubonisa ngobuchule uhambo olukhuthazayo luka-Rani njengoba eza a ukwenza okulindelwe ngumphakathi ukuba ngumama ngesikhathi esisodwa ulwa nokugcina amaphupho akhe ezempilo ephila. Ababukeli bazozithola beheheke emzabalazweni ka-Rani nokunqoba, njengoba lo mdlalo ugqamisa ukuqina, amandla okuba nogqozi, nokubaluleka kokungaziyekeleli lapho umatasa nokugcina izibopho zokunakekela umndeni.
Ithemba Alibulali
Image: Supplied
Ngokushintsha kosuku kuqala ubusuku, ababukele bazojabulela umdlalo omusha othi, Uzozisola - Regrets odlala ngo-8:30PM. Lo mdlalo omangalisayo ugqamisa udaba oluyingxube yezimo ezizoshiya ababukeli bebambe ongezansi bebuka uthando, ubungani, nokukhaphelana. Ingqikithi yale ndaba ethinta inhliziyo isibukusa uKunal, obonakala enakho konke - umsebenzi ochumayo kanye nomshado onothando nonkosikazi wakhe uMauli. Nokho, impilo kaKunal ibonakala izanyazanyiswa yinkanuko lapho engenwa wuthando lukaNandini, owesifazane onomlando oxakile njengoba wayengumngani omkhulu kaMauli. Njengoba uKunal eyaluziswa yimizwa yakhe edidayo, sibona isinqumo sakhe esincane sishintsha izinto ngendlela exakile empilweni yakhe neyabantu asondelene nabo. Ngombhalo ocebile wezimfihlo, ukuhlukumezeka kwenhliziyo, kanye nezingqinamba zokuziphatha, Uzozisola - Regret umema ababukeli ukuthi bacabange ngesisindo sezinqumo zabo njengoba bebona uhambo lukaKunal lokuzithola kanye nokwamukela imiphumela yezenzo zakhe.
Ngokuhlangene, le midlalo yomibili ilethela ababukeli be-e.tv amanoni acebile akhuthazayo, avusa uhlevane futhi akhuluma ngezimo zempilo ejwayelekile. Ukuthi yindaba yowesifazane obambelele emaphusheni akhe ebhekene nobunzima noma isiphithiphithi sobudlelwane obufiphazwe yinkanuko nokuzisola, ababukeli bazobhema bakholwe ngezindaba ezithokozisayo ezenzeka nsukuzonke.