UMLINGISI weDiepCity, uNcebakazi "Nash" Pilingane, wethuka izanya ngemva kokubanjwa inkunzi muva nje, ekhonjwe ngesibhamu eCape Town.
UNcebakazi (30), olingisa indawo ka-Eva kwiDiepCity, ubhale kwiFacebook wathi ucishe wafa emgwaqweni uR300 edolobheni, ngesikhathi umlisa mumbe enqabe ukubehlisa lapho bebezogitsheliswa khona ngomunye wabangani babo.
"Wenqabile ukusehlisa, wenqaba ukuma emgwaqweni uR300. Ngemizuzwana sibe sesikhonjwa ngesibhamu. Saphucwa yonke into yethu."
Unxuse umphakathi ukuba umubeke emthandazweni ngoba sekuyinsakavukela ukuphucwa izingcingo ngale ndlela.
UNcebakazi uthe izigameko zimehlela njalo uma evakashele eCape Town, nomndeni wakhe.
"Njalo uma ngiseCape Town kuba nokuthize okungahambi kahle. Kodwa ngiyabonga ngokusinda kwempilo yethu. Bekuzokuba wusizi lodwa ukungcwaba abantu abathathu basemzini owodwa nomngani," kuphetha uNcebakazi.
Lo mlingisi uzakhele udumo ngokudlala indawo ka-Eva, obezama ukuqhwaga umfundisi kumkakhe, okuyindawo ebilingiswa wuZikhona Bali.
UNcebakazi udabuka eKraaifontein, eWestern Cape. Waqala ukuzibona ukuthi unekhono lokulingisa esenza uGrade 5. Eseneminyaka ewu15 wabhala umdlalo wokuqala futhi waba yingxenye yethimba elalimele iNingizimu Afrika eSeattle, eWashington DC.
UNcebakazi uphinde abe ungumculi nombhali wezingoma ze-jazz.
Washicilela incwadi yakhe esihloko sithi Life is a Perfomance. Wenza izifundo zokulingisa eTshwane University of Technology kodwa wazinqamula ngenxa yokuhlaselwa yisifo sohlangothi.
Wabe eseyofunda e-AFDA ngosizo lweJacob Zuma Foundation kodwa wagcina onyakeni wesibili ngenxa yokuphela kwemali.