UMLINGISI, uThandeka Dawn King, uthe uzoshintsha unyawo emdlalweni ozoqala ngoMsombuluko, Isitha: The Enemy, njengoba ezolingisa indawo kandlunkulu wenkosi yaseSwatini.
Isitha wumdlalo owumxhantela womdlalo iThe Black Door okhonjiswa ku-e.tv noqedwe ngoLwesihlanu. Isitha sizoqala ukukhonjiswa kulesi siteshi ngoMsombuluko ngo 9:30 ebusuku. Konke kuzobe kususelwa kuyona iThe Black Door.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto kuleli sonto, uThandeka uveze ukuthi udlala indawo kaNomcebo Ngwenya oyinkosikazi yokuqala yeNkosi yaseSwatini, uLinda Nkosi.
Kulo mdlalo oqoshelwe eMpumalanga, uThandeka uthe indawo ayilingisayo ihlukile kunalezi abehlala ezidlala ngaphambilini njengoba imphoqa ukuthi aziphathe njengomuntu wasebukhosini.
“Le ndawo engiyidlala kulo mdlalo ihluke kakhulu ngoba lana nginguNdlunkulu, okuyindawo ebengingakaze ngayidlala ngaphambilini njengoba ababukeli bazobe bengibona ngikhuluma iSiswati. Lo mdlalo ngesonto lokuqala uzokhombisa siseSwatini bese kuthi ngamasonto alandelayo sixhume lapho okwagcina khona iThe Black Door,” kuchaza uThandeka.
Eqhuba, uthe basheshe ngendlela eyisimanga ukuqopha lo mdlalo nokwenze washeshe wajwayelana nozakwabo. UThandeka uncome amagalelo omdidiyeli omkhulu, uMandla “Mandla N” Ngcongwane, athe ube nobuhlakani bokwenza into engajwayelekile yokwenza Isitha umxhantela weThe Black Door.
“Kulo mdlalo sisebenze ngokuzikhandla ikakhulukazi ithimba elididiyelayo noMandla okwazile ukuhlenga imisebenzi yabanye babalingisi. Abalingisi abaningi abakulo mdlalo babekhona kuThe Black Door nanokuthi sikwazile ukusheshe sizibambe izindawo ebesizilingisa,” kusho uThandeka.
Ephawula ngezinkulumo ezivame ukumlandela ngezindawo azidlalyo ezinkundleni zokuxhumana, uThandeka uthe akagxili kakhulu ezintweni ezishiwo abantu.
“Umsebenzi wami ukujabulisa abantu, ukuthi umuntu uthini angingene lapho kanti futhi kuyangisiza ukuthi ngingabheki ukuthi ubani uthini ngami. Ngisazoqhubeka ngijabulise ababukeli, lokho kuzophoqa ukuthi ngiqine ukhakhayi,” kubeka uThandeka.
Lo mdlalo ugabe nengezinye izilomo zabalingisi okubalwa kuzo uThobani Nzuza, Zamani Mbatha, Linda Sebenzo noSipho Ndlovu.