KUCASUKE abantu abaningi kwadideka nomphathi wohlelo lwabafuna ukuthatha isithembu, uMnakwethu, umakoti eveza amanyala omyeni wakhe.
UMusa Mseleku ubehambele eWitbank, eMalahleni ebizwe uSiyabulela Nyathi, ohlelweni lwangoLwesibili.
Intokazi ebicelelwa umshado echazwe njengoMaSangweni ithe baneminyaka emibili bethandana futhi yiyona ezitholele ukuthi umlisa wayo uganiwe.
Konke bekuhamba kahle kuzwakala, kwaze kwafika lapho kuyiwa kumakoti omdala. Kubhimbe uhlelo kangangokuba umakoti uvele wathela isibhaxu ngesikhathi encenga umyeni wakhe ukuthi amhambise ekhaya engafuni.
Le ntokazi ibonisa uMseleku inqwaba yezithombe nama-video abonisa umyeni wayo enza amanyala nabantu abahlukene emzini wabo.
“Akagcini ngokwenza lezi zinto emzini wethu kodwa uzenza naphambi kwendodana yami eneminyaka emibili,” kusho umakoti omdala ebonisa uMseleku izithombe.
Ngokushaqeka, uMseleku weluleke ngokuthi le ntokazi nabazali bayo kumele babuyisele izinkomo kubo komlisa ngoba kuyacaca ukuthi ungumahlomeka ohambe ehloma ithuluzi lakhe noma yikuphi.
🙆![CDATA[]]>🏼♀️🙆![CDATA[]]>🏼♀️🙆![CDATA[]]>🏼♀️🙆![CDATA[]]>🏼♀️🙆![CDATA[]]>🏼♀️#Mnakwethu pic.twitter.com/KV1kz8Ow2l
— Thembi Ndebele (@tndebele41) September 10, 2022
UMseleku uvele wathi uhlulekile, akakwazi ukuqhubeka nalokhu ngoba akakaze azibone nezinkomo eziningi kangaka empilweni yakhe. Uchaze uSiya njengomuntu onamanyala futhi wanxusa ukuthi amadoda angambizi uma enza amanyala ngoba isithembu uyasazi futhi uyasihlonipha.