UMLINGISI waseLamontville, uPuleng Ndlovu, uthungatha amadoda amabili noma amathathu azoba yisithembu sakhe ngoba ekholelwa kakhulu kwi-polyandry (okuwubudlelwano lapho owesifazane eshade nabantu besilisa ababili kuyaphezulu).
UPuleng (36), obekwiSibaya nakwiSithembiso, uthe kufanele ngabe kade abantu besifazane bagunyazwa ukuba babe nabayeni noma amasoka amabili kuya phezulu ngoba amadoda asanikezwa lelo lungelo.
Ebuzwa ukuthi useqalile yini ukuzishelela, uthe uyawatshela amadoda amshelayo ukuthi azolanywa uma efuna yena ngoba uzimisele ngokuba nesithembu.
Uthe asekhona amadoda asewabone efanelwe yisithembu sakhe kodwa angakazimiseli ngokuwadalula. Eqhuba uPuleng, uthe angakwazi ukuwamela amadoda amganile ngakho konke.
"Umthetho uthi abantu besifazane kufanele bashade nabantu besilisa kodwa amanye amadoda abuye aqome amanye amadoda ekubeni eshade nabesifazane.
“Abanye abantu besilisa bathi okubenza babe nezintombi beshadile yingoba kufanele bathathe isithembu.
Kungani abesifazane bengabuzwa ukuthi bona bayafuna yini ukushada nabesilisa abangaphezu koyedwa," kubuza le ntokazi eneziqu zeSocial Sciences eyazithola e-UKZN. Ingumkhangisi wengqephu oke walingisa emidlalweni ekhonjiswa kuMzansi Bioskop, Indumbe nakuBalungile.
“Akekho umuntu okhuluma ngamalungelo abantu besifazane. Yini engaba yinkinga uma ngifuna ukuba nabayeni ababili noma abathathu? Noma uma ngifuna ukujola namasoka angaphezulu kwelilodwa?"
Uthe okumenze wafuna lolu daba ludingidwe emphakathini ukuthi abantu besifazane bachashwa ngezinhlamba, babizwe ngezif**e uma bethandana nabantu ababili kuya phezulu kodwa umuntu wesilisa onenqwaba yezintombi ubizwa ngesoka.
"Yini kube yinto embi uma kwenziwa ngabantu besifazane? Yilapho ngibone khona ukuthi sinenkinga. Akufanele ngithukwe mina uma ngithandana nabantu besilisa abaningi."
UPuleng uthe okumenza afune kugunyazwe i-polyandry kuleli yingoba elwela amalungelo abantu besifazane, hhayi ngoba egqugquzelwa ngokwake kwenzeka ebudlelwaneni bakhe bangaphambilini.