USOMAHLAYA ongumlingisi uSmangele Mhlongo odume ngelikaMa kaChicken, usephumele obala ngobulili bakhe njengoba sekuvele ukuthi uzoshada nomunye wesifazane owayeyithwasa lakhe.
UMa kaChicken ongomunye wabalingisi emdlalweni omusha Isiphetho: The Destiny kwi-e.tv, uqinisekise lezi zindaba emva kokuvela kwazo ohlelweni lwakhe KwaNjomane kuMzansi Wethu.
Lokhu kuvele njengoba uhlelo lwakhe lubuye ngesizini yesibili. Lukhonjiswa ngoLwesine ng-6.30 ebusuku kuMzansi Wethu.
Uthe useneminyaka emibili ethandana noThobile Dladla (28) waseLamontville owayeyithwasa lakhe kodwa osaphothula ukuthwasa.
“Ngibone kuyinto efanele ukuthi ngiyiveze impilo yami yangempela. Baningi abayiphilayo kodwa bayifihlile. Mina angifuni ukuphila amanga. Kumele abantu balazi iqiniso ngami ngoba ngathatha isinqumo sokwazisa abantu ukuthi ngiphila kanjani. UThobile akukhona ukuthi siyajola nje naye, kodwa sisezinhlelweni zokushada njengoba sesiqale nezingxoxo zokuthi ngihambise amalobolo kubo,” kusho uMa kaChicken.
Uthe uyazi ukuthi into enje akumele yenzeke uma njengezangoma kodwa kuningi abakwenzile ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wedlozi awuphazamiseki ngenxa yempilo yabo.
Uthe uThobile naye usenesigodlo sakhe useyalapha futhi uyathwasisa.
Ohlelweni kuvele nokuthi indodakazi yakhe endala endala ayifuni nokuyizwa eyokuthi unina uzoshada nomunye wesifazane.
Ebuzwa ngalokho, uthe kuyiqiniso ukuthi impela indodakazi yakhe ayihambisani nokuzokwenzeka.
“Ngibuye ngidideke ukuthi kungani indodakazi yami iba nenkinga. Ngize ngisole nokuthi mhlawumbe nayo ibizibhekile kuThobile ngoba bayalingana futhi nayo ithandana nabesifazane. Ngithemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi izogcina ikwamukele ukuthi ngiyamthatha uThobile,” usho kanje.
Umndeni wakwaMhlongo udalwe ngendlela efanayo njengoba nendodana kaSmangele, uSbonelo Mhlongo - uChicken - ethandana nabanye abesilisa.
Lo mndeni uqale ukuzakhela udumo ngokuqopha ama-video amahlaya uwanameke ekhasini lawo kuFacebook. Ubuvele udume ngokuthi iKwaNjomane okuyisithakazelo sakwaMhlongo. Ugcine usunohlelo lwethelevishini lapho ukhuluma khona ngempilo yawo.
Isizini yokuqala ibinyakenye njengoba usubuye ngesizini entsha.
USmangele, izinto ziyamvuma kakhulu njengoba eyisangoma esimatasa nokulapha abantu aphinde athwasise. Uphinde athathwe yimidlalo yethelevishini njengoba eseke waba ngumlingisi kuZalo kuSABC1, kanti manje wenza ezibukwayo kwiSiphetho: The Destiny kwi-e.tv.