UMCULI kamaskandi osafufusa, uMongezi Yamkelani Jama kodwa emculweni odume ngelikaMayoghurt, uthi impumelelo yakhe imfikisela ngezinyembezi. UMayoghurt (22), obuye ateketiswe ngeleBliss KaZwelonke,
ungomunye wabazobe bebambe iqhaza ohlelweni lwethelevishini iShort and Sweet kuMzansi Magic kusukela ngoJulayi 25.
Lo mculi odume ngengoma ethi Mama Ukuphi Ubaba, okumenza afikelwe umunyu ukuthi ugogo owamkhulisa, uNkk Buyaphi Jama, akasekho emhlabeni.
"Uma sengidume ngale ndlela kufika izinyembezi kimi, ngifise ngathi usaphila ugogo owangikhulisa ngoba ngiyile nto engiyiyo namhlanje kungenxa yakhe. Ngifisa engabe usakhona nomkhulu ozala ubaba, uZikhali."
UMayoghurt, odabuka endaweni yaseThornbush, eMzimkhulu, uthe waxhunyaniswa nabadidiyeli balolu hlelo nguzakwabo, uDulas Magubane wodumo kuMnakwethu futhi owayegidela uMjik'jelwa Ngubane.
Echaza ngokukhula kwakhe, uMayoghurt uthe uyise, uMnuz Mthawungeni Jama, wamzala ngaphandle entombazaneni yaseThekwini, uNksz Thuliswa Ndamase, ngo-2002.
"Ngo-2003, ubaba wangithatha kumama wangiyisa ekhaya kobaba lapho ngakhuliswa khona wugogo ozala ubaba. Ngakhula yonke le minyaka ngingamazi umama."
Uthe ukhule engumuntu obehamba odokotela kwaze kwafika isikhathi sokuthi ayongena esikoleni.
"Ngifunde eThornbush Primary." Uthe waphoqeleka ukusiyeka isikole esephase uGrade 8 ngoba kwase kuthiwa akayofunda esikoleni sabantu abanokukhubazeka ekubeni wayengenankinga nokufunda esikoleni sabafundi abajwayele.
"Emakhaya ngikhule ngiwumuntu othanda kakhulu umculo kamaskandi. Bengibuye ngicule isicathamiya esikoleni. Kwathi ngo-2018, ngaqala ngangena e-studio eNgudwini. Ithe seyiphumile i-albhamu ngayodlala ngakithi eMzimkhulu emcimbini kaBongani Scoficofi, nowafike wangamukela ngezandla ezifudumele."
Uthe kuze kube yimanje usakhiphe i-albhamu esihloko Utshwala Bomfana ne-EP ethi Osisi Basemzini, wathi akakaganwa futhi akakabi namntwana. Unxuse abahleli bemicimbi ukuba bangamshalazeli ngoba usewumculi osenamava.
Esephetha uthe unina bagcine behlangana ngo-2021 emuva kweminyaka engamazi.