UMLINGISI odume ngokulingisa indawo kaLindiwe kwiScandal! uNomvelo Makhanya, ugonyuluka ngobunzima adlule kubo emuva kokukhonjwa indlela emdlalweni wetv ngo-2022.
Emuva kokuqedwa kwendawo yakhe kwiScandal! uNomvelo (28) wakhala ngokuhlukumezeka abhekana nabo emdlalweni eminyakeni eyisishayagalolunye abeyibambe kuwo.
Ekhuluma kwi-Access Genie Podcast with Ancillar Nombewu, uNomvelo uthe isibindi sakhe samvulela amanzi ngomsele ngoba wazithola esevalelwa kule ndima yokulingisa.
"Uyazi ukuthi abantu abasemandleni bahlale befuna ukukukhombisa ukuthi kukhala esabo isicathulo. Uma uke waqala ukuphumela obala, ungixolele ngolimi lwesiFrench...abantu abanamandla uma uke wakhuluma ngamasi***... abawenzile, bayaqinisekisa ukuthi uthwala kanzima."
UNomvelo odabuka eNkandla, uthe wavalelwa ngaphandle ukuze angaqashwa ndawo futhi angasebenzi.
"Babefuna ukukhombisa ukuthi 'sibakhulu kunawe, sikwakhile futhi ucabanga ukuthi uyini.“
Echaza ngokuvalwa uthe bewuthi uyakuphi, ungaqashwa ngoba sebeyazi ngawe. "Sebeyazi ngawe. Kuthiwe uyazitshela futhi ungumuntu okunzima ukusebenza naye."
Uthe okwakumxaka ukuthi wayesebenze ngokuzikhandla kulo mdlalo futhi belokhu bemncoma ngendawo ayilingisayo.
"Kodwa ngokulwela amalungelo ami, kwajika kwathiwa sengingumuntu okulikhuni ukusebenza naye."
Uthe ukuvalelwa ngaphandle nokutshelwa kwabantu ukuthi bangamqashi kwaba nomthelela omubi empilweni yakhe kangangoba kwakufika ukuthi azibulale emuva kokuphelelwa umsebenzi.
"Kwala kancane ngizibulale. Kwakuba namazwi ayekhuluma ekhanda lami, ethi kungifanele lokhu okungehlele. Indlela ayelokhu ebelesele ngakhona, nami ngagcina sengiwakholwa."
Uthe wasizwa ukuba nabantu ababemkhuthaza futhi wasizwa nawukuhamba odokotela. Uthe kodwa uselaphekile kangangoba uke wavakasha lapho kuqoshelwa khona lo mdlalo, ephekezela omunye uDJ, wafike waphatheka kahle futhi wamukelwa ngezandla ezifudumele. Esephetha uthe akasalambi futhi usenza imali eningi ngemisebenzi aseyenza manje kunangesikhathi esengumlingisi.