UKUKHALA kwabalaleli bomsakazo Ukhozi FM ngobuncane besikhathi sengosi edingida ezesintu ethi Ijadu Le-Afrika, ngenye yezinto eyenze umculi nesazi sezobuciko namasiko, uMbuso Khoza, wacabanga indlela yokubagculisa ngolwazi abanika lona.
UMbuso wodumo lomculo wesintu namahubo, usesungule iMbuso Khoza Podcast, azoyethula ngokusemthethweni emcimbini azowenza e-Aloe Lifestyle Eshowe, ngoJulayi 20, usuku azobe egubha ngalo iminyaka ewu-46 azalwa.
Engxoxweni neSolezwe, lo mculi ophinde abe wumlingisi, uthe nakuba esithokozela isikhathi asiphiwa emsakazweni Ukhozi FM njalo ngoLwesihlanu ohlelweni lukaDudu Khoza, kodwa bese kuyisikhathi eside abantu bekhala ngokuthi kasanele ukubanika ulwazi lwezesintu.
“Okunye okungenze ngakhuthala kakhulu yizincomo engazithola kubantu emva kokumenywa kwi-The Penuel Show ekuqaleni kwalo nyaka, lapho abantu abaningi baphawula bezwakalalisa ukuthakasa kwabo ngezinto engazikhuluma khona,” usho kanje.
Uthe kule podcast uzonothisa abantu ngolwazi lwezinto zesintu futhi uzobasiza ngemvelaphi yamahubo nokuthi iyamene kanjani futhi kangakanani nomsuka womuntu omnyama.
“Ngizomema abantu abanolwazi olunzulu lwezesintu. Lolu hlelo luzokwenza ngikhululeke ukuveza konke engikwaziyo nengifundayo ngesintu nobunjalo bomuntu onsundu,” kusho uMbuso.
IMbuso Khoza Podcast izophrojuswa yisazi samasiko nezesintu odume ngelikaNomangungu, futhi uzolekelelana no-Anela Ngwenya ukucwaninga ngezihloko ezizodingidwa kulona, bese luthwetshulwa wuSbonga Gatsheni nethimba lakhe.