Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Star Khanya: La izindaba ziqhakaza khona ku-Openview

Partnered Content|Updated

Star Khanya – UDABA OLUPHELELE

Image: Supplied

Kukhona isiteshi esisha ezizokhanyisa amathelevishini eMzansi Africa. IStar Khanya isiteshi esidlala izinhlelo zobumnandi amahora angu-24 ngolimi lwesiZulu nesitholakala ku-Openview.

Lesi siteshi siveza imidlalo ewuchungechunge yaphesheya kwezilwandle okukhulunywa kuyo ulimi lwesiZulu bese luhunyushwa ngamagama akhonjiswayo ngesiNgisi. Ababukeli bangalindela izindaba ezisondelene nalezo abazizwa usuku nosuku la behlala khona, njengoba kunabalingisi ababhekana nezinkinga ezihlukene, abathola uthando la bengalindele khona, futhi babhekana nezinqinamba ezihlukene kodwa balwe ukuze bafeze amaphupho abo.

Amazwibela ezinhlelo ezingena phakathi kuka18h00 kuya ku22h00

  • Tunte Intombazane edabuka edolobheni elincane nezalwa emndenini othanda ukuthunga, iyahamba iyoqala impilo edolobheni elikhulu njengoba iyosebenza endlini kodwa iphupho layo ukuba ngomunye wabasiki bengqephu, ukuze ikwazi ukuphumelela idlulise zonke izinqinamba ngokuzinikela enakho ngamaphupho ayo. 
  • Uthando Lweqiniso U-Anandi wakha kabusha impilo yakhe ngemuva kokuphuma emshadweni obunzima, ebhekene nokucwaswa emphakathini konke akwenzayo ukwenza ngokukhuthazela nethemba. 
  • Titli Intombazane esencane ilahlekelwa ukuzwa emadlebeni kodwa noma kunjalo iyaqhubeka nokufuna ukufeza amaphupho ayo okuba umshayeli wamabhanoyi, enoxhaso aluthola kuSunny uyakwazi ukuthi aphumelele.
  • Elinye Ithuba UPallavi, owesifazane ongumfelokazi osemncane, noRaghav, isiqumama esinoxhaxha lwamabhizinisi, bayahlangana kungazelele muntu, futhi kuba kuningi okwenzekayo ohambweni lwabo olunezinqinamba ezihlukene.
  • Isivumelwano Owesifazane oyintandane ungena emshadweni wesivumelwano nowesilisa ongummeli, ufika athola izinto eziningi ezingelona iqiniso, izimfihlo zomndeni, kanye nokuthola uthando akade engalulindele njengoba ezama ukulungisa igama lowesilisa ongenacala.  
  • Ithemba Alibulali Owesifazane unephupho lokuba nguDokotela. Ngemuva kokushada nomunye wozakwabo ohlala kude naye, uzithola esekhulelwe  futhi kudingeka akwazi, ukuba umama, owesifazane ozisebenzayo enze nezinye izinto ezithints umphakathini. 
  • Unami na? Ngemuva kokushonelwa unkosikazi wakhe, usaziwayo uSwaraj Joshi uhlaselwa imibono yesipoki sinkankosikazi wakhe besothandweni, lokhu kulahlekelwa nodumo lwakhe luza nokuningi empilweni yakhe.
  • Inhliziyo Ayiphakelwa Owesifazane ozimele futhi wenza izinto ngendlela athanda ngayo njengoba enqaba ukushada uxabana nesinye sezigebengu ezisatshwayo, kusaqhubeka leyo ngxabano kuba khona ababa sothandweni oluvutha amalangabi yize isimo sisibi futhi babhekana nezinkinga ezihlukene emphakathini.  

Isiteshi iStar Khanya siyingxenye yezinye ezingaphansi kwe-Openview, nosekuyisiteshi esithenjwa izinkulungwane zabantu emakhaya abo. Ukubuka konke okukhonjiswa khona kumahhala hha. Okumele ukwenze ukuthenga i-decoder kanye kuphela, ixhume ukuze isebenze, sekulungile njalo. Akukho zibophezelo. Awukhokhi nyanga zonke. Ngokuhambisana neStar Khanya, i-Openview ikunika ithuba lokuthi ubuke izinhlelo zethelevishini uphinde ulalele nezomsakazo ezingaphezu kuka-20, kuhlanganise nentandokazi eziqhamuka kwaSABC nakwa-e.tv.

Imindeni ehlukene kuleli manje isinesizathi esingaphezu kwesisodwa sokuthi ikhethe ukuba ne-Openview. IStar Khanya ikulungele ukusakaza imidlalo ehamba phambili nsuku zonke esontweni. 

Thola eyakho namhlanje idecoder ezitolo zakwaPEP nezinye ezihamba phambili kuleli.

Openview. iDlala waya waya!

Openview. iDlala waya waya!

Image: Supplied