UMLINGISI onguNjinji Magwaza kuZalo, uThembi Nyandeni, uveze olunye uhlangothi obelungaziwa ngaye.
Ekhuluma kwiHappy Days Podcast, uThembi onguNjinji Magwaza kuZalo, uthe uma esedinwe ngempela akakwazi ukuqondisa umuntu ngenduku kodwa umchapha ngenhlamba.
Le ngwazi eyazakhela udumo ngokudlala indawo kaBeauty kuKwakhala Nyonini noMkabayi Zungu kwiSibaya, ithe yingakho izingane ezazibambe iqhaza emdlalweni wakhe i-Umoja: Spirit of Togetherness zaze zamceba kwinxusa lakuleli laseCanada futhi wabikwa nasemithonjeni yezindaba ukuthi ubeziqhulula ngenhlamba.
"Ngiyathukana impela. Kodwa uma ngingakakubizi ngezitho zakho zangasese ngisuke ngingakakwethuki."
Uthe okwenza enze lokho yingoba yena ungumuntu oneqiniso ongazwani nokuncetheza.
Echaza ngembangela yokuvala i-Umoja, uThembi uthe abalingisi ababenandisa eCanada yibona abamphoqa ukuba balumise uchungechunge lwemicimbi yabo.
“Ngabayala ngathi ningathi uma nifika laphaya, nizivalele ezindlini, niyogibelana, nilalane. Ayikho yonke leyo nto.”
Uthe bavele bangena ezidakamizweni, bazitika ngocansi olungaphephile, okwaphoqa ukuba abanye bagcine sebekhipha izisu. Uthe abanye babengasakwazi ukusebenzisana ngenxa yengxabano yasemjolweni futhi kukhona nasebebanga amadoda nezintombi, kwaze kwakhona omunye umlingisi owayesezibulala. Eqhuba, uthe laba balingisi babe sebemyisa emithonjeni yezindaba beyothi uyabahlukumeza.
“Ngathi angisoze ngahlukumeza izingane zami kodwa engilwa nakho ukuba balalane. Ngathi ngeke, ngiwumama mina, ngeke ngilale kule ndlu, wena ube ulele nendoda. Azihlangani lezi zinto. Okulandelayo abanye bayamithisana, omunye sekufanele akhiphe isisu.”
Uthe laba balingisi bagijima babikela inxusa lakuleli eliseCanada namaphephandaba aseNingizimu Afrika, bekhala ngokuthi uyabethuka.
“Ngathi angikaqali ukunithuka, ngisazonithuka. Ngathi ngizonibiza ngezitho zenu engingeke ngazibiza lapha. Ngathi yimi loyo, uma ngingakakubizi ngalelo gama, angikakakuthuki.
Uthe akazisoli ngokubachapha ngenhlamba ngoba iyona ndlela aqondisa ngayo abantu.
"Bengilokhu ngizibuza ukuthi kungani uMbongeni Ngema laba bantwana abebathela imvubu. Mina angisiye uMbongeni, angizonishaya. Ngizonithuka nje."
Uthe i-Umoja wawuvala ngesikhathi esebizwe kwiSibaya lapho abelingisa khona indawo kaMkabayi Zungu. Yize engakudalulanga ukuthi izobuya nini i-Umoja kodwa uthe izobuya ngezinkani emuva kokumiswa iminyaka eyisithupha. Uthe i-Umoja izobuya seyinobuso obusha ngoba abadala baphoxa kakhulu.
Uthe sebeke bayibona abantu kulo nyaka ngesikhathi behlonishwa emcimbini obuseSoweto Theatre.
Esephetha uThembi Nyandeni, osebuya kuMampondo, Deliwe, Zone 14,How To Ruin Christmas neJacob’ Cross kodwa kulezi zinsuku ubonakala kuZalo lapho enguMaNjinji, uthe konke ngempilo yakhe kuzotholakala encwadini azoyikhipha ngempilo yakhe.