Ababhali bezincwadi eziphendulwe imidlalo yethelevishini okunguDudu Busani-Dube, noCynthia Jele, bazohlomisa ngolwazi ozakwabo abasafufusa ngenyanga ezayo kwiLembe Book Festival, eLuthuli Museum, KwaDukuza.
UDudu uzakhele udumo ngencwadi egcine sewumdlalo ozigcagcawu ethelevishinini iHlomu The Wife, uCynthia wazakhela ugazi ngencwadi eyaphendulwa ifilimu ethi Happiness Is A Four-Letter Word.
Ngokwesitatimende esinamekwe ezinkundleni zokuxhumana ngengqungquthela ezoqala ngoFebhuwari 1-3, indikimba yombuthano ithi Isikhathi sethu, Izindaba zethu, Amazwi ethu.
Abagqugquzeli bombuthano bathi inhlosongqangi ukukhuthaza ukubhalwa kwezincwadi emphakathini osezindaweni ezingaphansi koMkhandlu iLembe, nokusiza ekufukuleni isiko lokufundwa kwezincwadi ezikoleni nasemiphakathini.
"Ifestiveli izoqala ngenkundla yokucija amaciko ngamakhono okuloba izincwadi ngoFebhuwari 1-2, ngenhloso yokuhlomisa ababhali abasafufusa ngolwazi. Ithimba lababhali lizobuye lihambisele izikole izincwadi ukuze abafundi bakukhuthalele ukufunda nokubhala. Umcimbi omkhulu uzokuba ngoFebhuwari 3, lapho kuzobhungwa kabanzi ngezincwadi, izimbongi zihaya zidedelana futhi kuxoxiswana nababhali abathize."
Omunye wabagqugquzeli u-Ayanda Xaba, uthe ukholelwa ekutheni kufanele kugquqguzelwe isiko lokufunda ezinganeni zisencane ngokuthi zibone abantu abadala bekwenza lokho. U-Ayanda, ungumlobi wencwadi ethi The Maidens & The Bear, uthe uyazi ukuthi izingane ziyathanda ukulingisela abantu abadala. Uthe ukufunda kuyawuvula umqondo wengane futhi kuyivumele ukuba ifunde.
UDudu uthe ukufunda kusabalalisa umqondo futhi kuwenze uhlale unamaqhinga. Wathi bakhethe ukuhlela umbuthano esifundeni iLembe ngoba akukaze kwaba nomcimbi walolu hlobo khona. Wahuba wathi kuyisibopho sabo njengababhali bezincwadi ukukhuthaza isiko lokufunda emiphakathini ecindezelwe.
UCynthia, oseke wahlabana kuma-2011 M-Net Literary Awards emkhakheni wamafilimu, uthe izingane ziyadinga ukuba nezincwadi zazo ezizozifunda ukuze zithuthukise ulimi namakhono.
Phakathi kwezinkakha zababhali abangu-30 abazothamela ingqungquthela kubalwa noNathi Oliphant, umlobi wencwadi ethi Blood, blades and bullets anatomy of a Glebelands hitman eyahlabana kuma-2021 The Book Behind Awards, emunxeni weBest English novel: Male.
Kanti zikhona nezinye izingqalabutho zabalobi okubalwa u-Angela Makholwa, Joanne Joseph, Sithandiwe Langa, Lorraine Sithole, Outlwile Tsipane, Aman Singh Maharaj, Kirsten Miller, Pumza Shabangu, Ntokozo Ndlovu, Simangaliso Ntshangase, Malindi Dlamini nabanye.
*Ngeminye imininingwane egcwele ungabheka kwi-website: www.ilembebookfestival.co.za