OMPETHA besicathamiya emhlabeni jikelele emuva kokuwola imiklomelo kumaWorld Games Championships, eLos Angeles, eCarlifonia, e-USA, iKholwa Brothers, bayaqhubeka nokubungazwa ngamagalelo abo ekuqhakambiseni iNingizimu Afrika, neKwaZulu-Natal emazweni.
Kuleli sonto iqembu eliholwa yinkunzi emidwayidwa uDerrick Mlambo lizohlonishwa yisiteshi sethelevishini sabomdabu waseNdiya esikuDStv Channel 166, iZee.
IKholwa Brothers yaseThekwini, izothulelwa isigqoko kuma-Zee Amaqhawe - Our Heroes Awards namhlanje ngo-5.30 ntambama eSandton Hotel , eGoli
I-Kholwa Brothers izochonywa uphaphe lwegwalagwala kulandela ukuhlonzwa kwayo njengeqembu elisebenza kanzima ukuthuthukisa umculo wesicathamiya linikeza abantu abasha ithuba lokuzibonakalisa emhlabeni.
Abenhlangano yesiteshi sethelevishini okungeyase India, kodwa enabele naseNingizimu Afrika, iZee Entertainment Enterprises babone imisebenzi yeKholwa Brothers bahlabeka umxhwele, okuholele ekutheni bathathe isinqumo sokuhlonipha iqembu ngelikwenza emhlabeni.
Khona manjalo, lona futhi iqembu, kulindeleke ukuba lihlonishwe nge-Lifetime Achievement Awards ngoNovemba 2 emcimbini ohlelwe yiSaziso Infortainment and Projects (SIP)KZN Isicathamiya Awards, eJohnny Makhathini Hall eNdwedwe.
Nakuwona lo mcimbi, kuzobe kugujwa imisebenzi yeKholwa Brothers ekuthuthukiseni umculo wesicathamiya isebenzisa abantu abasha baseNtuzuma, nabaseNanda yaye yanqoba izizwe zomhlaba. Ngo-2022, leli qembu laba wompetha bomhlaba emuva kokudla umhlanganiso emqhudelwaneni wamaciko owawuhlanganise amazwe angaphezulu kuka-56 ayeqhamuka kuwo wonke umhlaba.
Yiwona lamagalelo eKholwa Brothers aphinde ayenza yamenywa eSouth Korea, nakhona babuya bephethe abafana.
Ephawula umsunguli weqembu, uMlambo ubeke kanje "Ukuhlonishwa yisikhondlakhondla senhlangano iZee Entertainment Enterprises, okuyinhlangano esakaza izinhlelo zaku- ZEE ZONKE TV Channel kusijabulise kakhulu. Ngesikhathi befika lapha eThekwini, basivakashela ukuzozwa udaba nohambo lweKholwa Brothers. Ngangingazi ukuthi yinto enkulu kanga le. Ngezwa sengifonelwa abantu ngapha, nangapha bethu sikubona kuTV. Namhlanje bazosindizisa beyosihlonipha, basiklomelise kanye nezinye izingqalabutho zamaciko."
UMlambo uthe ubona lomculo uyisipho uNkulunkulu amupha sona nambonga kakhulu ngaso ngoba sesimenze wabona okuningi emhlabeni ayengacabangi ukuthi kwakuyobalula ngaphandle kwalesi sicathamiya esesimenze undabuzekwayo kuleli lakithi nasemazweni.
"Sibonga kakhulu nakubantu bakithi eKZN, naseNingizimu Afrika, ngokusixhasa kukho konke. Yonke lempumelelo yeKholwa Brothers ilekelelwe ngabantu esiyobabonga ngelinye ilanga," kubonga uMlambo.