ABAFUNDI basezikoleni zasesifundazweni iMpumalanga bacijwe ngosaziwayo ngobuciko bokulotshwa kwezincwadi, izinkondlo nokulingisa emidlalweni yasemsakazweni.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunochungechunge olubizwa nge-Amaloba The Traces Book Tour e-Anew Hotel, eWitbank.
Lo mbuthano wamaciko asemnkantshubomvu nasafunda ezikoleni bewenziwe ngokubambisana komlingisi, uNtokozo "Sngqazu" Ngcobo nomkhandlu kazwelonke wamaCiko kuleli, iNational Arts Council (NAC).
Phakathi kwababhali namaciko abebambe iqhaza kulo mcimbi kubalwa umlingisi wodumo kwiZulu Nomhlaba neThe Letter Reader, uSbongimpilo "Pepi" Ngobe, umbhali wezincwadi ezikhuthazayo, uThulani "Yeyeye" Gumede, umbhali wezincwadi zenkolo, uMphostoli Mthobisi Makhathini, usomabhizinisi uVusumuzi Zikalala weLVZ Corporation, Dkt Thabo Pitse nomculi we-jazz, uCebo Ngema.
Phakathi kwezithameli kubalwa abafundi abawu-45 basezikoleni ezimbili, okuyiWitbank High neWitbank Christian Combined, uthishanhloko uRichard Oskin Usinga, imenenja-jikelele, uMnuz David Maatse, othisha namanye amalungu omphakathi.
UNtokozo uthe ngalolu chungechunge uhlose ukuhambela izingane zakuleli nezasemhlabeni wonke ezinamathuba nezincishwe amathuba. "Ngingakusho ukuthi ikusasa le-Amaloba The Traces Book Tour libukeka liqhakazile emhlabeni jikelele.
Lo mcimbi wokucijwa ngolwazi usesematheni esifundazweni sonke okuyiMpumalanga. Othishanhloko nothisha bathe lo mbuthano uhlukile kweminye imicimbi njengoba uqukethe okungakaze kwenzeka emlandweni wokubhalwa kwezincwadi waseNingizimu Afrika," kusho uNtokozo. UMaatsi uyishayele elikhulu ihlombe i-Amaloba The Traces Book Tour ngoba ethi igqugquzela abafundi ukuba balandele amaphupho abo.
"U-Alexander den Heijer wake wathi ngesinye isikhathi uzozwa ukhathele hhayi ngoba wenze olukhulu kodwa yingoba wenze okuncane okuveze ukukhanya kuwe," kusho uMaatse.
UNtokozo uthe i-Amaloba The Traces Book Tour, yingqophamlando kwezokubhalwa kwezincwadi ngokubeka lo mkhakha ezingeni lomhlaba njengoba ikhuthaza abafundi ukuba babambe iqhaza bebe bejabule. "Inikeza abafundi bezincwadi ithuba lokufunda izincwadi abazithakaselayo bebe behlangene futhi bencokola nezintandokazi zababhali abangosaziwayo," kusho uNtokozo.
Lo mcimbi uvalwe ngokuthi abafundi bahlangane nosaziwayo kudanselwe izinkondlo zikaDkt Gcina Mhlophe nezingoma ebeziqhululwa wuCebo. UDkt Pitse ubuye wathengela abafundi izincwadi ezingu-45, Amaloba The Traces nezikaGumede noMakhathini. UNtokozo uthe bazosuka eMpumalanga balibhekise kwezinye izifundazwe. Uthe kulolu chungechunge uzobuye ahambisane nabalingisi, uMondli Nakhoba no-Ayanda Ngubane-Borotho.