Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Kukhalwa ngowe-Big Brother Mzansi ogeza kusinki ekhishini

Fanelesibonge Bengu|Published

UTHANDEKA Tshabalala obonakale egeza ubuso kusinki ekhishini ohlelweni i-Big Brother Mzansi

Image: Sithunyelwe

KUKHALWA ngesenzo sikaThandeka Tshabalala, sokugeza ubuso nokuxubha kusinki wokuwasha izitsha, ohlelweni i-Big Brother Mzansi okungaholela ekutheni abanye abasendlini bagule, ngokusho kukadokotela.

UThandeka (30) okhulele KwaZulu-Natal ngaphambi kokuyohlala e-Italy kanti usebonakale izikhawu egquma ngebhodwe esefaka okokugeza ubuso.

Kamuva uvele egeza ubuso kusinki onezitsha futhi exubha kuwona. Uphinde wawasha nesipontshi abesisebenzisa ebusweni.

UThandeka unabanye abanga nabo isheke lika-R2 million kulolu hlelo, olukhonjiswa ubusuku nemini kwiDStv channel 198.

UDkt Sethabile Sibiya utshele Isolezwe ukuthi kuzomele baziwashe kabusha izitsha ezithelwe ngamanzi abegeza ngawo ngoba sezinezinto zokugcoba abezifake ebusweni.

“Izinto zokugcoba zinamakhemikhali angaba yingozi. Kungenzeka ube nenkinga yokugaya ukudla esiswini kokunye ezimweni ezibucayi ngempela kufe izicubu ezinjengezinso, kokunye uthole uphoyizeni.”

Uthe abanye bengaphathwa yisiyezi, bakhishwe yisisu noma baphalaze ngenxa yokugwinya amakhemikhali asezintweni zokugcoba.

Ubalule ukuthi kodwa kuya ngesikalo osigwinyile, wathi ngaphezu kwalokhu uThandeka ufaka nokungcola kwesikhumba sakhe kusinki onezitsha zokudla.

Isenzo sakhe sivungamise abaningi ezinkundleni zokuxhumana, abanye bethi kumele akhuzwe ngoba kungabeka abasendlini engcupheni.

UMisoenhle ubhale ku-X ukuthi u-Big Brother, kumele kube khona akushoyo ngesenzo sikaThandeka ngoba uzogulisa abantu.

“Kufana nokusebenzisa isipuni esisodwa ukuzwa ukudla nokubonda ngaphandle kokusiwasha.”

UNgonichirubvu uthe abakwazi ukuhlala babuke, kumele kube khona okwenziwayo.