Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Amazwibela ama-soapie

Fanelesibonge Bengu|Published

Kay Bikitsha

Image: Instagram

HOUSE OF ZWIDE

Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv

NJENGOBA umnqamulajuqu kaMsizi obekwe uFaith usondela, uvala umlomo uLaz ozama ukukhuluma. UMsizi uvuka ngolaka kuGogo Siya (Kay Bikitsha), ngokuveza iqhaza alibamba ekufeni kukaShoki. UFaith uqonda uMsizi emuva kokuthola usomqulu kaNkosi. UMsizi uvuma iphutha ngoba ezisola futhi ucela uxolo. UFaith ulungiselela ingonyuluka kuNkosi kodwa uphazanyiswa wucingo lukaPalesa. UMsizi umangaza u-Ona noNkosi ngokubuya ekhaya futhi uyaqinisekisa ukuthi ubuyile. UFaith ubuza uMsizi ngemihlangano yakhe noGogo Siya.

ITHONGA

Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic

UMAKHUMALO uxwayisa ngokuthi umndeni wakhe awuphumile enkingeni okwamanje. UNtanzi uveza izinhlelo zakhe futhi uZama akeneme ngazo. USanele nomphakathi bajabulela impumelelo yabo ngoPablo. USanele ujabulela ubulungiswa njengoba uMandla esondela ekuvaleleni uPablo. Ukucasuka kukaZama nokunqaba ukuvuma ukwehlulwa, kugqugquzela uPablo ukuthi afune ukuziphindiselela. UMbali uthola izindaba ezimnandi ngesikhathi abakwaNtanzi bakha itulo ngaye. UPhinda noZama baqala umkhankaso wabo.

Noxolo Mathula

Image: Instagram

SCANDAL!

Ngo-8 ebusuku, kwi-e.tv

KUPHAKAMA imimoya uma uNhloso noDintle bengqubuzana ngemfihlo ahluleke ukuyigcina. Ukululama kowesilisa kuyisibusiso kwabanye kodwa kunenga abanye. Kufufusa inkinga uma ukukhathazeka kuphanjaniswa nothando. UTalitha uveza ngolwazi olubalulekile analo ngoVictor ukushintsha uTaps umqondo ukuze amsize. UMthunzi uyazibuza ukuthi yingabe uselahlekelwa ngowesifazane asanda kumthola? UPoet noThoriso babhekene nemiphumela enzima ngemuva kwe-podcast. UVictor ufuna ukukhuluma iqiniso kuKgalalelo. Kungabe usenobufakazi? Isimemezelo esingalindelelekile siphatha kabi uNhloso. UPoet noThoriso bayehlulwa futhi baphelelwa ngamandla.

UZALO

Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC 1

U-LILLY (Noxolo Mathula) uyahlambalazeka eWestville Correctional Services, ngesikhathi uMaDongwe nomndeni wakhe bezama ukumhlenga ngebheyili ebukeka inzima. Ibandla lihambisa umkhuleko kuMaDongwe. UNonka ukhathazekile ngamalungiselelo emiklomelo uma uJafta emtshela izindaba ezimbi. UFikile ukholwa ukuthi uSbu nebandla bawenzele okwanele umndeni wakwaXaba. ULilly uthola isibonakaliso kuSasha ngaphandle kwemvume yakhe. UGeja ujikelwa wukungenelela kwakhe kwaMhlongo. UNonka ulaxaza uLilly ngesikhathi emdinga. USasha ukhombisa ukuba wumngani obalulekile kuLilly. Kuqalile ukuthungathwa kukaMnuz Dongwe ngesikhathi uNonka nobabekazi wakhe bengqubuzana ngokuthi yini okumele bayibeke phambili.

GENERATIONS: THE LEGACY

Ngo-8 ebusuku, kwiSABC 1

U-AZANIA uhluleka ukuzibamba ngokusebenzisa ithuba anikwe lona emshadweni ukuphinde ahlambalaze owayethandana nomyeni wakhe. Kunesimenywa esingalindelekile emshadweni kaMpho. Iyaphela imali kaSwazi okumenza enze okukhombisa ukuthi usenkingeni. UMelokuhle unesiqiniseko ngekusasa lakhe yize kungekho okuphathekayo okwamanje. UJack usabisa ngokushiya uSwazi ethembisa uyise ukuthi konke kuhamba kahle kodwa ingabe kunjalo? UTau unosuku olubi nowayethandana naye futhi ukhipha izinkinga zakhe noCosmo. UKea uyahluleka ukujwayela impilo ngaphandle kukaSotshalo Mtimande. UG-Wagon noDonald bayaqala bafuna abantu. UKea umangaza uTau ngesicelo sakhe sakamuva.