Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Bashaye amaphakethe bezwa ngesimo sokhishwe kwi-Big Brother Mzansi

Fanelesibonge Bengu|Published

UMSHEFANE okhishwe ohlelweni i-Big Brother Mzansi ngeSonto

Image: Sithunyelwe

KUTHINTEKE abaningi bazishaya amaphakethe ngesikhathi okhishwe endlini ka-Big Brother Mzansi edalula ukuthi ubegqoka isicathulo esisodwa kuso sonke isikhathi asichithe ohlelweni.

UNkululeko “Mshefane” Masiye (27) waseMalahleni, eMpumalanga, ukusho lokhu ngesikhathi enomcimbi wokumamukela kubo.

Ukhishwe esiqeshini sangeSonto, noKokii kanye noBuhle B. Ubesehlale amasonto amane kule ndlu.

Konke okwenzeka endlini kusakazwa ubusuku nemini kwiDStv channel 198, kuthi njalo ngeSonto kuMzansi Magic ntambama kusakazwe bukhona isiqephu lapho kuba khona abaphumayo.

Ngesikhathi bengena endlini babengu-23 bezobanga u-R2 million, banikezwa imidlalo ehlukene abayenzayo bese bekhethana abafuna bakhishwe, kushiyelwe kubabukeli ukuthi bavotele abafuna basale.

UMshefane uthe abantu abasha kumele baye ukuyozama inhlanhla kwi-Big Brother Mzansi.

UMSHEFANE ngesikhathi ebuya kubo

Image: x

“Manje sifuna ozonqoba, hhayi ozophuma ngesonto lesine. Ngithembe, kunento ebengilokhu ngiyisho futhi izovela. Kunesisho esithi uhambo lwebanga elide luqala ngegxathu elilodwa. Mina uhambo lwami bengigqoka isicathulo esisodwa ngaso sonke isikhathi ngikwi-Big Brother,” kusho uMshefane.

Uthe ngalokho akafuni ukuzwa kukhona othi akayi ngoba enganazo izimpahla. Uthe abaye bazikhombise ukuthi bangobani.

“Akupheli lana. Kuningi okusazokwenzeka, kuningi enisazokubona. Lokhu wukunqoba kwethu sonke eMalahleni, umphakathi nomama,” kusho yena kuba ngathi uvukwa umunyu.

Uthe akanawo amaningi kodwa uyabonga ukwesekwa, ubengalindele ukubona abantu abaningi ukuzokwamukela.

Uzakwabo amshiye kwi-Big Brother Mzansi, uThe Don, uthe uphatheke kabi ngokuhamba kukaMshefane ngoba bebesondelene.

“Ngiyathemba ukuthi uma ngiphuma lapha ubungani bethu buzobe busaqine njengoba bebuqine endlini. Okungiphathe kabi kakhulu wudaba lwakhe olungithinte kakhulu. Yingakho ngesikhathi ngikhala abantu abaningi babengaqondi ngoba akabatshelanga abaningi udaba lwakhe,” kusho uThe Don.

Uthe uyathemba ukuthi lapho ekhona ukahle. Ngesikhathi ekhuluma uvele wakhala.

Umfisele ukuthi konke kumlungele ekhaya futhi uzozama ukumsiza.

Kusuka abantu bebone i-video kaMshefane noThe Don ekhuluma, bavele baqala uhlelo lokuthi anikelelwe imali.

Ezinkundleni zokuxhumana kuzungeza isithombe esinemininingnwane yakhe yasebhange futhi abanye bese beqalile ukufaka ubufakazi bokuthi kukhona asebekuphosile bagqugquzela nabanye.