UClive Barker owayengumqeqeshi weBafana Bafana ngesikhathi iwina i-Afcon ngo-1996
Image: Sigciniwe
KUNGENZEKA ukuthi imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) isisongiwe eMorocco kodwa ukukhulunywa ngayo kusekude ukuphela kwazise nonyaka kuhlangana iminyaka engu-30 iNingizimu Afrika yaqukula le ndebe.
Isiteshi i-e.tv sizokhombisa ngeqophamlando, iClass of '96: Rise of a Nation, elizojeqeza emuva libheke ngesikhathi iBafana Bafana iwina i-Afcon nokuzibekisela kwayo indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-1998.
Leli qophamlando, elenziwe yi-Known Associates of Entertainment (KAE) ngokubambisana ne-e.tv, lizoba yiziqephu eziyisithupha ezizoqala ukukhonjiswa kusuka ngeSonto.
Lizokhombisa ama-video abengaziwa futhi kukhulume nabahlonishwayo ebholeni.
Umlando uzobe uxoxwa umsakazi wemidlalo othandwayo uRobert Marawa.
Phakathi kwabazobonakala bephawula kubalwa umqeqeshi ohlonishwa umhlaba wonke uJose Mourinho, Martin Tyler, Howard Wilkinson OBE, Alan Curbishley, Benni McCarthy, Doctor Khumalo, Lucas Radebe, Mark Fish nabanye.
Isikhulu seKAE uTshepiso Chikapa-Phiri sithe iClass of '96 ukuzinikela, ubumbano nokuhlangana kwesizwe ngokweseka iqembu lize liphumelela.
"Kuyangijabulisa ukukhumbula umqeqeshi uClive Barker egijima enkundleni evule izandla njengezimpiko zebhanoyi nomsakazi ememeza ethi Ndizani Bafana! Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ama-studio ase-Afrika yini angakwazi ukuyenza uma silawula izindaba zethu kuwona wonke amazinga kusuka ekuziqaleni kuya ekufakeni imali, ukukhiqiza nokuzisabalalisa. Akulona nje iqophamlando. Yinto esezingeni yase-Afrika eyakhelwe ukuncintisana neminye imikhiqizo yomhlaba," kusho uTshepiso.
Umdidiyeli omkhulu kwae.tv uMark Madai uthe abakwenzile kuyingxenye yomlando waseNingizimu Afrika.
Indodana kaBarker engumqondisi weqophamlando, uJohn Barker ithe indaba yango-1996 usephile nayo impilo yakhe yonke.
"Ngangikhona hhayi kuphela njengombukeli kodwa njengendodana yomqeqeshi owakholelwa kakhulu kubadlali bakhe nokuthi leli qembu lingasho ukuthini eNingizimu Afrika."
Related Topics: