Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Uthole uhlelo olusha obesebenza nesiteshi esivaliwe

Fanelesibonge Bengu|Published

UNOMALANGA "The Flame" Shozi uzimisele ngokwenza okuningi kulo nyaka ngaphandle kokwethula izinhlelo zethelevishini

Image: Sithunyelwe

INTOKAZI yasePort Shepstone, uNomalanga Shozi, ithi ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye njengoba isithole omunye umsebenzi emuva kokuvalwa kwesiteshi iBET Africa, ebisebenzisana kakhulu naso.

I-BET Africa, ebingaphansi kweParamount Africa, ivalwe nezinye iziteshi okubalwa kuzo neMTV Base kwiDStv ngoDisemba 31.

UNomalanga (31) usebenze kakhulu neParamount njengoba eke waba yinxusa leBET Africa.

Ivalwa nje, ubelingisa indawo ephambili emdlalweni wakhona iBlack Gold.

“Bekuyikhaya lami kodwa kucacile ukuthi ikhaya lethu yiZulu, kwazisholo iNcandweni,” kusho yena ehleka.

Uthe kube buhlungu ukuvalwa kwayo ngoba bese befana nomndeni wathi kodwa akumtheni amandla ngoba kuningi abheke ukukuqhuba nonyaka.

URobot Boii ozokwethula uhlelo iPlaylist @Moloko noNomalanga Shozi kuSABC 1 njalo ngoLwesihlanu ebusuku

Image: Sithunyelwe

Namuhla yena noRobot Boii bayaqala ohlelweni lwabo olusha iPlaylist @Moloko ezodlala njalo ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku kwiSABC1.

Uhlelo luqoshwa endaweni yobumnandi iMoloko Nightclub ePitoli. Kuzobonakala oDJ nabaculi abahlukene benandisa bese abethuli bohlelo bekhuluma nabantu.

Kwabazovela kubalwa uPearl Thusi, Njelic, Tito noYuppie, DJ Sphectacula noNaves nabanye.

I-Playlist @Moloko iphrojuswa wuSjula Dlamini oke waba sohlelweni lomculo kuyona iSABC1, iLive Amp.

“Asikho isikhathi sokudembesela mfethu, angithi kushubile kule mboni,” kusho uNomalanga.

“Asazi ukuthi ikusasa lizoba njani njengoba izindawo sezithengwa yizinkampani ezisakaza kuma-streaming platforms sekuyizona eziba yizikhondlakhondla kwezokungcebeleka. Kubalulekile ukuthi umuntu athathe wonke amathuba avelayo. Lesi sikhathi okungena ngaso uhlelo lwethu ngangihlezi ngifuna ukwethula kusona. Ngisafunda isikole ngangibabukela bona oDJ Warras noLootlove kwiLive Amp. Isikhathi engangihlezi ngizitshela ukuthi ngelinye ilanga ngiyoke ngibe nohlelo engilwethula ngaso.”

Uthe ukuba kulolu hlelo akuyona kuphela into ayibhekile kulo nyaka njengoba kukuningi aphezu kwakho.

Uthe eqhulwini wukubuyela emsakazweni njengoba egcine kwiGagasi FM eminyakeni edlule noWarras, obulawe ngoDisemba.

“Nakanjani ngifuna ukubuyela emsakazweni. Nokulingisa ngizobuyela kukho. Okunye wukuphatha izinhlelo emicimbini emikhulu ngoba iyona nto engiyithandayo.”

Nyakenye uthole ithuba lokwethula uhlelo lukaMiss South Africa.