Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Kuzobuya nabakudala ngesizini entsha yeBig Brother Mzansi

Fanelesibonge Bengu|Published

ULIEMA osengumculi, usethubeni lokubuyela kwiBig Brother Mzansi

Image: Instagram

KUXEGISWE imithetho yentandokazi yohlelo iBig Brother Mzansi, ngokuthi kuvunyelwe abake babonakala kuyo ukuthi baphinde bangene endlini ngesizini entsha ezoqala ngeSonto.

Imithetho yokungenela iBig Brother ikubeka kucace ukuthi kufuneka abantu abasha ngakho abake babonakala phambilini kabavumelekile.

Nokho zijikile izinto njengoba ababukeli benikwe ithuba lokuthi bavotele abafuna ukubabuyisa ukuthi bangeke endlini kaBig Brother.

Kukhishwe uhla lwabayisikhombisa okuzokhethwa kubo abane abazongena endlini uma sekuqala isizini yesithupha ngeSonto, kuMzansi Magic.

Laba ngoDube, Mmeli, Fahima, Sipha Lee, Bravo B, Lerato noLiema.

ULiema osengumculi, wayekwisizini yesine yeBig Brother. Wakhetha ukwamukela u-R250 000 ukuze aphume endlini.

U-BRAVO B usethembele emavotini abantu ukuze athole ithuba lesibili lokungena kwiBig Brother Mzansi

Image: Instagram

UBravo B owayengesizini efanayo noLiema, wahlala isonto elilodwa endlini kaBig Brother ngaphambi kokukhonjwa indlela.

Le nsizwa yaKwaNongoma, yaxoshwa emuva kokubhunga ngetulo lokuthi balale nabanye besifazane abasendlini uma sebedakiwe.

Omunye owayekwisizini yesine eyayibizwa ngeS’yamosha osethubeni lokubuya nguFahima. Yena wafakwa endlini ezophazamisa futhi enesikhathi esikalelwe ukuthi uzosihlala njengoba wagcina echithe izinsuku ezingu-21, wabe eseyagoduka.

Owokugcina owayekwisizini yesine nguLerato Modise, yena owahlala izinsuku ezingu-50. Wathi edlala umshini wokuphendula isondo uthi lwama maqondana nombhalo wokuthi akhishwe.

Kuvotelwa noMmeli owayekwiBig Brother Titans, eyayihlanganise abakuleli naseNigeria. Kuyona kwagcina kunqobe uKhosi Twala waKwaZulu-Natal.

UMmeli yena waba ngowesihlanu ukukhishwa ohlelweni.

Kwabebekwisizini yanyakenye abasethubeni ngoDube noSipha Lee abahlala isikhathi esincane.

Ukubavotela kuvulwe izolo, kuze kube uLwesine futhi kwenziwa kwiMyDStv App.

Abazongena endlini bazomenyezelwa ngo-6 ntambama ngeSonto.

Abangenele basethubeni lokuwina imali ephakathi kuka-R1 million no-R2 million.

Isizini entsha izokwethulwa nguSmash Afrika oqale ngonyaka odlule ukushayela lolu hlelo.