ABALINGISI bomdlalo iBhelas oqala kuMzansi Magic ngoJanuwari 5
Image: Sithunyelwe
BAZOVULA unyaka omusha ngamancoko ababukeli beMzansi Magic njengoba kuzoqala uhlelo olusha iBhelas ngoMsombuluko.
Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa ngo-8 ebusuku kanti lususelwe e-call centre futhi kulingisa phambili kulo uThato odlalwa ngu-Obakeng Makube.
UThato washiya engaqedile esikhungweni semfundo ephakeme enephupho lokuba wumpheki obatshazwayo ngezibiliboco ezehla esiphundu.
Umndeni wakhe kuvela ukuthi awazi futhi ukholwa wukuthi uThato uqhuba izifundo zomthetho.
Abanye abalingisi abazobe bedlala izindawo eziphambili ngabazakhele igama ezinhlelweni ezahlukene zakwaMzansi Magic.
Kubalwa kubo uRainy Nthangeni ozolingisa indawo ka-Amahle, Mamodibe Ramodibe ozolingisa ekaNeo, Sello Ramolahloane ozodlala ekaModisa, Tshepo Matlala ozodlala indawo kaZakhele, Khaya Mthembu onguBra Ali noGago Pathoe ozolingisa indawo kaMmamokgethi.
Khonamanjalo: Akucaci ngeziteshi eziphelelwa yinkontileka yokuba kwiDStv njengoba kungakaze kwenziwe simemezelo.
Umnqamulajuqu wokuphela kwenkontileka ukusasa nokusho ukuthi ababukeli bazovuka zingasekho kwiDStv ngoLwesine.
Iziteshi ezithintekayo kubalwa kuzo iCNN, Cartoon Network, Discovery Channel, TLC, Food Network nezinye.
KwaMultiChoice bathi asikho isivumelwano esisha esikhona sokuthi lezi ziteshi ziqhubeke.
Akuzona kuphela lezi ziteshi ezizophela kwiDStv uma isivumelwano singathathwa. Ezinye osekuqinisekisiwe ukuthi ziyaphela yiBET Africa neMTV Base ezizocima ngoLwesine ekuseni.
Related Topics: