Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Bayazethemba abadala ababuyiswe kwiBig Brother Mzansi

Fanelesibonge Bengu|Published

ULANGELIHLE 'Ilano' Gumede waseNanda, ozama inhlanhla kwiBig Brother Mzansi

Image: Big Brother Mzansi

KUBUYISWE ababili baKwaZulu-Natal, abake baba khona phambilini ohlelweni iBig Brother Mzansi oluqale ngeSonto, kuMzansi Magic.

Lolu hlelo olubuye nesizini yesithupha, lunabantu abangu-23 endlini ababanga isheke lika-R2 million.

Kwababuyile ngoBravo B waKwaNongoma, owakhonjwa indlela ngesizini yesine. Waxoshwa emuva kokubhunga ngetulo lokuthi balale nabanye besifazane abasendlini uma sebephuze utshwala.

Uthe okwenzeka ngesizini edlule kwaba yisifundo kuye futhi kwamkhulisa.

"Iseluleko engisithole ezinganeni zakwethu ukuthi ngibe yimi futhi ngiqonde ukuthi lesi yisiqalo esisha," kusho uBravo B odayisa inhloko.

Omunye waseKZN obuyile uMpendulo Dube waseJolivet. Lesi sitshudeni saseWits sithe abantu abaningi abacabangi ukuthi sidabuka emakhaya ngenxa yendlela esikhuluma, esigqoka ngayo nesiziphatha ngayo.

U-BRAVO B waKwaNongoma okuthatha njengesifundo ukuxoshwa kwiBig Brother Mzansi ngokudlule

Image: Big Brother Mzansi

"Ngiyazi ukuthi ngiwuntu olufanele lolu hlelo. Ngiwumuntu ozoba yisizathu sokuthi abantu bakhumbule isizini yesithupha," kusho uDube ngokuzethemba.

Laba babuyiswe noLiema Pantsi owashiya isizini yesine ngoba ekhethe ukuthatha isheke lika-R250 000.

Le ntokazi esiwumculi futhi esisebenze nabaningi abadumile, ithe isifunde okuningi ngayo kusuka yaphuma endlini.

"Ngifunde ukuthi akuyona yonke into okumele uyiphendule," kusho uLiema.

Uthe ufuna ukubona ukuthi uzohamba afike kuphi kulolu hlelo ukuba akayithathanga imali.

"Ngeke ngikuphinde ukujola endlini futhi ngiqinisile. Ngeke ngiliphinde lelo phutha," kusho yena kwazise ngokudlule waba sebudlelwaneni noJareed.

UMmeli Khumalo owayekwiBig Brother Titans, eyayihlanganise abakuleli nabaseNigeria, ushaye ngamafuphi, wathi uyabonga futhi uyabathanda abamvotelile.

UBravo B noDube akubona kuphela abakwaZulu-Natal abasendlini.

Abanye ngo-Ashay Sewlall owayedlala emuva kwiRichards Bay FC, Thandeka Tshabalala, King Wanda Gumede noLangelihle Ilano Gumede waseNanda.

Uhlelo ludlala ubusuku nemini kwiDStv channel 198.