Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Zizovela obala izinkinga zakwaMseleku kwisizini ezoqala

Fanelesibonge Bengu|Published

UMNDENI wakwaMseleku uzophinde uneke konke ngempilo yawo ohlelweni Uthando Nes'Thembu olubuya nesizini yesishiyagalolunye ngoFebhuwari 4

Image: Mzansi Magic

IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes’thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic.

Lolu hlelo oseludonse iminyaka, lubuya nesizini yesishiyagalolunye kanti luzodlala kabili ngesonto.

Luzokhonjiswa ngo-8 ebusuku ngoLwesithathu nangoLwesine kusuka ngoFebhuwari 4.

Lubuya nje, abalandeli balo basanda kuzitika ngokubuka amanye ama-video abengakaze avele phambilini ohlelweni obelubizwa nge- #Uncut: Uthando Nes’thembu.

Isizini yesishiyagalombili yashiya abantu bekhuluma njengoba kwavela inhloko yomndeni uMusa Mseleku ibambekile, kuthiwa ishaywe yisifo sohlangothi.

Kwaphinde kwavela nesinqandamathe esisha sikaMseleku, uSamke Khwela obizwa ngoNumber 5.

Kule sizini eqalayo kuthiwa amakhosikazi kaMseleku oMaCele, MaYeni, MaNgwabe noMaKhumalo bayaqhubeka nokubhekana nezingqinamba zabo ezinhlobonhlobo.

Abanye babo namanje kabeneme ngokuthi uMseleku ulethe uMaKhwela emndenini.

“Isithembu sikaMseleku, yinto eyake yakhombisa ukubambisana nesiko, sibukeka ngathi sisengcupheni kakhulu. Ingabe uMusa uzokwazi ukuzibamba ziqine noma kuyaqaqeka okuhlanganise lolu bumbano?” kubhala abe Mzansi Magic ngemibuzo ezophendulwa yile sizini.

Abantu baphawule ngezindlela ezahlukene kwi-X kulandela ukuvela kokubuya kwalolu hlelo.

UTebogo M uthe uMseleku uyena ohlakaze umndeni wakhe ngendaba kaNumber 5.

USpekko uthe uSamke kumele alwe ngoba naye yindoda yakhe.

“Ngidinga ukuthi uMseleku akhale kakhulu kule sizini. Akakaze akhale ngokwanele,” kubhala uMerYang.