I-BMW X3 eyanqoba isicoco se-2025 South African Car of the Year exhaswe yi-Old Mutual Insure
Image: Sithunyelwe
ZIMENYEZELWE izimoto okuzotonyulwa kuzo ezovotelwa njengeyonyaka emncintiswaneni, i-2026 South African Car of the Year (COTY), emuva kokumenyezelwa kwezisesigabeni esandulela esamanqamu.
Umncintiswano, ohlelwa yiSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ), uzobe ugubha iminyaka engu-40 njengoba wasungulwa ngo-1986.
Ngesonto eledlule amajaji angu-25, okubalwa kuwo nombhali walolu daba, akhethe izimoto ezingu-30 kwezingu-55 ezethulwe nonyaka ebezilungele ukuba semncintiswaneni.
USihlalo weCoty, uThami Masemola, uthe umncintiswano ushube kakhulu futhi bayajabula, kakhulu ngoba ugubha iminyaka engu-40.
Uthe kwi-2026 COTY kuqhathwe izinkampani ezaziwayo kanjalo nezasemazweni asempumalanga, ikakhulu awaseChina angena okokuqala emakethe yakuleli namanye abuyayo.
NgoJanuwari amajaji azophinde afake amavoti anciphise uhla ngohhafu.
Emuva kwalokho ngoMashi azohlanganyela ndawonye azivivinye okokugcina izinsuku ezimbili ngaphambi kokuthi kumenyezelwe enqobile ngoMeyi.
Ezinye zizothola imiklomelo eminxeni ehlukene.
Uhla lwezimoto ezingu-30 ezikowandulela owamanqamu:
Related Topics: