Ezokungcebeleka Ezethelevishini

UWarras ubuya ngohlelo olusha kuMzansi Magic

Fanelesibonge Bengu|Published

UDJ Warras uzokwethula uhlelo olusha iNgicel'iVisa oluzoqala kuMzansi Magic ngesonto elizayo

Image: Sithunyelwe

OWAYENGUMSAKAZI weGagasi FM, uDJ Warras, ubuya kwithelevishini ngohlelo olusha olungase luchithe ubudlelwano bezithandani iNgicel'iVisa oluzoqala kuMzansi Magic ngenyanga ezayo.

UWarras, owayesakaza uhlelo lwantambama phakathi nesonto noNomalanga Shozi, akalona ivukane ekwethuleni izinhlelo zethelevishini.

Wazakhela udumo ohlelweni lomculo iLive Amp kwiSABC1 kanti njengamanje une-podcast ayethula kwiYouTube iThe Shady PHodcast noDJ P.H.

Ohlelweni olusha iNgice'iVisa kuzobonakala izithandani zinikezana isikhathi sokuthi zike ziyobheka kwezazithandana nabo noma kwezifisa ukuthandana nabo ukuthi ingabe ikhona yini inhlansi yothando esele.

"Ocela iVisa uzobe esehamba ubusuku obubodwa namthandayo noma ayethandana naye futhi kuzobe sekubonakala ngemiphumela ukuthi uyaqhubeka yini nobudlelwano bakhe noma uyabunqamula," kuchaza umbhalo ngohlelo.

Imizamo yokuthola uWarras, odabuka eVryheid, ayiphumelelanga izolo njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

Uhlelo lwakhe luzoqala ukukhonjiswa kusuka ngo-Okthoba 7 ngo-8 ebusuku.

Kusona lesi siteshi kuzobuya olwabasabheka abazothandana nabo, iDate My Family.

Kulolu hlelo ofuna uthando uhlangana nemindeni yabangenamuntu ngaphambi kokuzikhipha nowomndeni awukhethile. Isizini ka-13 yeDate My Family izoqala ngo-Okthoba 12 ngo-6 ebusuku.

Khonamanjalo, uMzansi Wethu wethule uhlelo lokusiza abafundi baka-matric ngezifundo  iMaths, Physical Science neLife Science. Abafundi bathumela imibuzo nge-WhatsApp bese iphendulwa.

Uhlelo ludlala ngo-4 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesine.