U-RONNIE Nyakale oveze ukuthi uyabuya kwiGenerations: The Legacy
Image: Instagram
UMAKADEBONA womlingisi, uRonnie Nyakale, ukhuza ibuya kungakapheli sikhathi esingakanani ehambile emdlalweni iGenerations: The Legacy.
URonnie owaqala ukugqama elingisa indawo yesigebengu uPapa Action kwiYizo Yizo, uzoqhubeka lapho agcine khona ngokuba wuCosmo Diale.
Ukushiya kwakhe iGenerations: The Legacy, ekhonjiswa kwiSABC1 ngo-8 ebusuku, phakathi nesonto, kwamenyezelwa ngo-Ephreli, nyakenye.
Ngaleso sikhathi wahamba kanye noMuzi Mthabela owayelingisa indawo kaNkosiyabo Cele.
Esitatimendeni abomdlalo bathi bobabili bahlaba ikhefu elingakalelwe ukuthi lizoba ngelesikhathi esingakanani, ukuyoqhuba eminye imisebenzi.
Ekhuluma kwi-podcast ka-Israel Zulu, wathi kwase kuqala ukuba lula ukudlala indawo kaCosmo ngoba bekungamphonseli nselelo.
“Ngahlala phansi nomdidiyeli wami ngamtshela ukuthi lokhu kungase kube nobungozi emsebenzini wami. Kwafika isikhathi lapho ngangilala ngingasafundi nokumele ngikulingise,” kusho uRonnie.
URonnie, oselingise kwiGenerations: The Legacy iminyaka, ufake ekhasini lakhe leTikTok ukuthi usebuyile.
“Ha! Mahamba buya. Basho bathi hamba uzobuya. Ngibuyile ekhaya kwaGenerations,” kusho uRonnie kwi-video.
Abalandeli bakhe bakhombise ukujabula ngokubuya kwakhe.
Ngesikhathi engekho kwiGenerations, ujoyine omunye umdlalo oqale kule nyanga iHigher Grade kwiSABC1.
Umdlalo kuhloswe ngawo ukugqugquzela abafundi ukuthi bathathe izifundo zeMaths neSayensi futhi yenze nothisha baziqhenye.
Ubophele abalingisi abahlukene okukhona kubo nabazakhele igama emidlalweni ehlukene.
Phakathi kwabo kubalwa uMothusi Magano, oselingise emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iThe Lab, Scandal!, The River ne-Unseen kwiNetflix, Dumisani Mbebe (Muzi) nabanye.
URonnie yena ulingisa indawo kaBra Don.
Related Topics: