ULONDIWE Martiens noNokukhanya Nkosi abalingisa emdlalweni iHigher Grade, ezoqala kuSABC 1 ngoSepthemba
Image: Sithunyelwe
I-SABC 1 iqhubeka nomlando wayo ngemidlalo efundisayo njengoba izovula uSepthemba ngomusha, iHigher Grade.
IHigher Grade izoqala ngeSonto, ngo-Septhemba 7, ngo-7.30 ebusuku.
Kuhloswe ngayo ukugqugquzela abafundi ukuthi bathathe izifundo ze-maths nesayensi futhi yenze nothisha baziqhenye.
UMOTHUSI Magano ozodlala indawo kaBra Sam kwiHigher Grade
Image: Sithunyelwe
Umdlalo ubophele abalingisi abahlukene okukhona kubo nabazakhele igama emidlalweni ehlukene.
Phakathi kwabo kubalwa uMothusi Magano, oselingise emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iThe Lab, Scandal!, The River ne-Unseen kwiNetflix.
Uzobe edlala indawo kaBra Sam, ongomunye wothisha be-maths ne-science abanekhono elimangalisayo.
Abanye abalingisi ngoDumisani Mbebe (Muzi), Ronnie Nyakale (Bra Don), Londiwe Martiens (Nandi), Nokukhanya Nkosi (Amanda) nabanye abaningi.
Umdlalo, osuselwe elokishini iVosloorus, eGauteng, ukhuluma ngesikole iThemba Lakusasa Secondary.
Izikole zasendaweni zehlelwa yisibalo sabafundi abaphasa u-matric. Ngenxa yalokhu, uMnyango wezeMfundo uzifakele ingcindezi yokuthi zingabe zisaziyifundisa i-maths nesayensi ngoba ukukhipha lezi zifundo ezinzima kuzokwenza amazinga okuphasa enyuke. Lokhu kwenza kube nokungqubuzana phakathi kokubeka eqhulwini isibalo sabaphasayo nokugcina izifundo ezibalulekile.
UBra Sam, uzibophezele ngokunyusa isibalo sabaphasa i-maths sisuke ku-25% siye ku-65%.
Phambilini, i-SABC 1 ike yaba nemidlalo efundisayo okubalwa kuyo iSoul Buddies.
Yayikhuluma ngezinto abantu abasha ababhekana nazo nsukuzonke, okubalwa kuzo igciwane ingculaza, ubudlelwano, ububhoklolo nokunye.
Related Topics: