UMCULI wokholo uDumi Mkokstad
Image: sigciniwe
Ususe ukukhuluma umculi wokholo uDumi Mkokstad, ethi ukuthembela kakhulu kuhulumeni kuwabulele amaciko aKwaZulu-Natal.
UDumi ubhale lokhu ekhasini lakhe leFacebook ngoLwesibili emini, lapho ethi akakhulumi kuphela ngabaculi bowokholo.
"Sayeka ukwenza umculo omnandi ngoba singacula izingoma zethu ezazishisa izikhotha ngo-2006, bese siyahola. Ubudlelwano babanye nabantu abasemahhovisi kahulumeni kuwubulele umculo eKZN. Akusasetshenzwa ngokuzikhandla. Abusekho ubuciko. Akukho ukulangazelela. Abantu abahlelekile uma kukhulunywa ngobuciko babo. Into abaziwa ngayo."
Uthe amaciko aseGauteng azohlale enza kangcono kunabo ngoba ayayisebenzela imali yawo nokuthi igama lawo lihlale lisematheni.
"Iphi nje igqom? Sagcina nini ukuba neciko legqom elishisa izikhotha? Amaciko asephenduke abahleli bemicimbi ngoba awakaze abe nothando lomculo. Abheke imali," kuqhuba uDumi.
Uthe abakwenzayo njengamaciko ukukhuluma kuma-group akuWhatsApp, elwela amathenda kahulumeni.
"Vukani maciko aseKZN! Ngiyanithanda bafowethu, singenza kangcono. Onendlebe..."
Kube kuningi ukuphawula kwabantu ngalokho okubalwa kuzo nozakwabo endimeni kaqedisizungu.
Umculi we-kwaito uL'vovo Derrango uthe: “Onendlebe akezwe, sidinga ukuhlala phansi sibonisane, uthando lunye.”
U-Owami Philasande Khuzwayo, uthe uma uhulumeni eseqhela akuzoba yinkinga. Uthe amaciko akhululeka kakhulu, kunalokho kumele asebenzise ukwesekwa njengethuba lempumelelo.
USibongile Gwaela WaBafokeng, uthe akayiboni inkinga uma amaciko ephenduka abahleli bemicimbi ngoba akumele azincishe ibhizinisi.
“Yindawo abasebenza kuyo, kumele bazibambele ngoba yibo abaqonda kangcono imboni. Okubabulalayo uqhekeko kubo. Kumele babumbane bakhulume ngazwi linye.”
Related Topics: