Umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli
Image: X
IGAGASI FM lithi lishaqekile futhi liphoxekile ngelikubone kwenziwa umsakazi walo uMinnie Ntuli ohlelweni iReal Housewives of Durban lapho ebetshelana khona ezikabhoqo noLondie London wagcina ngokumhlokoloza ngomunwe ebusweni.
Kushaqeke abaningi ngoLwesihlanu kuvela i-video ebingakaze ibonakale ohlelweni lokubuyekeza isizini yalolu hlelo.
Kule-video uMinnie unoLondie nokugcina ngokuphakama kwemimoya uMinnie waya kuLondie wamhlokoloza ngomuwe esiphongweni.
Ngaleso sikhathi uLondie uzigoqele izandla ulokhu embuza ukuthi wenzani.
UMinnie utshela uLondie ukuthi usebenza elele ngomgogodla.
Esitatimendeni iGagasi lithe likubone ngokukhathazeka okwenziwe uMinnie.
“Yize iReal Housewives of Durban izimele futhi ingahlangene neGagasi FM, siyazi ukuthi ukuziphatha kukaMinnie ohlelweni kunomthelela egameni lethu nasemphakathini esiwusebenzelayo,” kusho iGagasi.
Lithe kumasizini edlule kuke kwabonakala abanye abasohlelweni beba nengxabano beze becishe bebambana ngezandla.
“Okusinikeza ithemba kulokhu ukuthi ukubuyisana kuyenzeka futhi nobudlelwano bulungiseke,” kusho iGagasi.
Lithe njengesiteshi alihambisani nobubhoklolo nokungahloniphi.
Lithe likhulumile noMinnie ngalokhu futhi wavuma izenzo zakhe wazisola waze wabhala nencwadi yokuxolisa kwabeReal Housewives nabasohlelweni ngenhloso yokuthi ifundwe esiqeshini sokubuyekeza isizini agcine ngokungalibhadi kuso.
IGagasi lithe uMinnie uzibophezele ekutholeni usizo lokukwazi ukuzilawula uma ephakanyelwa wumoya nokuyinto abayesekayo.
“Sithanda ukuqinisekisa abalaleli bethu, amakhasimende nesibambisene nabo ukuthi lolu daba siluthathela phezulu ngendlela olufanele ngayo. Sicela nehlise umoya futhi nibekezele njengoba kuqhubeka lokhu ngethemba lokuthola isisombululo esinokuthula,” kusho iGagasi.
Related Topics: