Ezokungcebeleka Ezethelevishini

UClerment ushaya ngonyawo olusha kwi-tv

Fanelesibonge Bengu|Published

U-CLERMENT Manyathela uzokwethula uhlelo olusha iThe Health Club oluqala namhlanje kuSABC 1

Image: Sithunyelwe

UMETHULI wezinhlelo zezindaba ophinde abe wumsakazi, uClerment Manyathela, uthe ujabule ngokuba yingxenye yohlelo olusha lwezempilo kwiSABC, njengomshayeli nomunye wabadidiyeli balo.

UClerment, ongumsakazi esiteshini sezingxoxo esizinze eGoli i-702, uzokwethula uhlelo olusha iThe Health Club oludlala njalo ngo-6 ntambama ngoMsombuluko kwiSABC 1.

“Ngiyajabula ukuba yingxenye yeThe Health Club njengomethuli wayo nomunye wabadidiyeli bayo. Lolu hlelo lubeka eqhulwini imfundo ngezempilo nokuzinakekela. Lubheka izihloko ezibalulekile, ezinye zazo esizizibayo ngoba asinalo ulwazi olwanele noma asikhululeki ngazo. Wuhlelo olufundisayo,” kusho uClerment.

Ohlelweni iSABC ibambisene neGovernment Employees Medical Scheme (Gems), lapho kufundiswa khona abantu bakuleli ngezempilo.

Esiqeshini ngasinye kuzokhulunywa nongoti, kukhishwe amathiphu ezempilo, ukunakekelwa kwezifo ezingamahlalakhona, izifo ezithinta ingqondo nokunye.

Ezinye zezihloko zosuku zizothinta ingcindezi edalwa yizinkundla zokuxhumana, ukuhlolelwa izifo ngenhloso yokuzithola zisezintsha, wukukhululapha ngokweqile nokudla ngendlela, ukusebenzisa izidakamizwa notshwala, ezithinta ucansi nezinye.

Khomananjalo: ISABC isayine isivumelwano neSouth African Rugby Union neSuperSport ukusakaza bukhoma umdlalo wamaBhokobhoko ne-Italy ngoMgqibelo. Kuzobe kugujwa iminyaka engu-30 amaBhokobhoko anqoba okokuqala iNdebe yoMhlaba njengoba aphinde ayiwina ngo-2007, 2019 nango-2023.

Umdlalo ozosakazwa bukhoma kwiSABC 2 nasemisakazweni yeSABC nakwiSuperSport, uzobe useNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, kusuka ngo-17h10 ntambama.